UMREPHA onengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku, uNtokozo “K.O” Mdluli, uthi ingcindezi abeyithola ebantwin ngokuthi usengakwazi yini ukuba sezingeni ayekulo ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala, uthi ukusebenzise njengesikhuthazi.
U-K.O usanda kukhipha i-albhamu iSkhanda Republic 3 (SR3) enengoma edlalwa kakhulu emisakazweni, ngokweRadiomonitor South Africa, iSete.
Kuyona upike uYoung Stunna noBlxckie.Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe izolo, uthe ukusebenza ngokuzikhandla kule albhamu yikho okudala impumelelo.
Uthe wayefuna ukuyikhipha ngo-2020 kodwa ngenxa yemithetho yomvalelandlini yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 wahlehlisa.
“Ngizinikeze isikhathi ukuthi ngiyisebenze. Bekukhona ukungabaza ebantwini ukuthi ngabe uK.O usengaphinde asinikeze into eqine njenge-albhamu yokuqala enze enye ingoma enkulu njengeCaracara?
“Leyo nto angiyithathanga ngendlela embi kodwa kufana nasenkundleni abantu bebuza ukuthi umdlali usengawakora yini amagoli njengesizini edlule. Kumele uthathe abakushoyo bese usebenza ngokuzikhandla.
“Indlela abayithakasela ngayo i-albhamu kuyakhombisa ukuthi ababekusho babengangicindezeli kodwa yingoba babengifuna ngiphezulu ngoba bewazi amandla nethalente lami,” kuchaza uK.O.
Uthe lokhu kuletha ukuzithoba nentokozo kuye. Uthe kukhombisa ukuthi ukuzimisela kunomvuzo kanjalo nokubeka uMdali phambili izifiso ziyaphenduleka.
Udalule ukuthi ufuna ukungenisa ezwenikazi i-Afrika nasemhlabeni jikelele.
“Ngigqugquzelwa wuBlack Coffee. Ukhombisile ukuthi abantu abanendaba ukuthi uphuma kuphi kodwa okukhulumayo wumsebenzi nekhono. Nokuba nomqondo webhizinisi kubalulekile ngoba izinto ngeke zenzeke umi ndawonye kodwa kumele uphume uyosebenza.
“ISete isigqi sayo sinalento yeWorld Music. Noma ungayizwa ithini kodwa iyakubamba ikuhehe. Inhloso bekuwukuthi uma sengiphuma ngifike senginakho abazokujabulela. Ngimatasa ngokuthi unyaka ungakapheli sibe sesiphuma siqale e-Afrika bese sidlulela phesheya.”
Ubonge nomrepha uBig Zulu ngokwenza ingoma abangcofana kuyo ngokuthi kube nesandla ekuvuseni i-hip hop yakuleli obese kubonakala sengathi abantu bayikhohliwe.
Uthe wayibona inhloso yakhe ukuthi wayengaqondile ukususa impi kodwa kwakungcwekwa.
“Nami wangithola isitofu sishisa ngiqedela i-albhamu ngase ngithi angimnikeze ezami njengensizwa yakwaMdluli. Ngiyajabula ukuthi wabona ukuthi asilwi. Into ayenza yayibaluleke kakhulu ngoba uma ubheka leso sikhathi i-hip hop yaseMzansi yayifadalele isikhathi eside.”
Kwi-albhamu yakhe entsha upike abaculi okubalwa kubo uMsaki, Sjava, Sarkodie nabanye.
Engomeni iThe Light kunesigaba lapho ethi inhliziyo yakhe isebuhlungu ngoba akazi ubangani noNtukza ayecula naye eqenjini agqama kulo iTeargas.
“UNtukza kwakuwumngani wami omkhulu sasingamawele kodwa kwafika isikhathi lapho singazwani khona. Yinto esangimangaza nanamuhla. Ngeke ngikhulume okubi ngaye. ITeargas ngisho singathanda ukuthi isebenze kodwa kuzomele sibe nezivumelwano zebhizinisi ngoba asisafani.
“Sesakhula namazinga awalingani futhi ngeke sithathane ngendlela efanayo. Kumele kuvunyelwane ukuthi ngubani uthatha okungaka akusekhona ekuqaleni lapho sasihlukaniselana ngokulingana.”