Umzwilili womculo we-Afro Pop, uSiphelele "Indoni Yamashenge" Buthelezi, ungomunye wabaculi abamele iKwaZulu-Natal kuma-5th Mzansi Arts and Media Awards aseVictory Theatre eGoli ngoSepthemba 21 kusukela ngo-4 ntambama.
Indoni Yamashenge (36), edabuka eNtambanana, eMpangeni, iqokwe emkhakheni weBest Afro Song, lapho iqhathwe khona noSedihluderfly, The Soul Doctor K, Nsomfa Man SA, Noside De Poet, Mzi SA, Kid Em, Pempe, Mgani Da Vocally, The Zulu Kid, Linamandla, #Mo, Oliver Oly, Ntokzen SA, Nickane CJA, Gabhadiya SA, Queen Yamangwe, Camagu SA, Ciar Diko nabanye.
Yize Indoni Yamashenge iqale ukucula isafunda enkulisa yangakubo ngeculo elalithi We Are Together, We Are Family kodwa uqale ukuqopha umculo wakhe ekuqaleni kwalo nyaka.
"Ngiqale ngomucu obuthi Lobola ngoJanuwari 22. Ngibe sengenza owesibili othi Msheli Wami ngesikhathi ngimenywa kwiSA Podcast Music Festival kaDJ Sbu. Basuke bathi kudingeka ngibe nezingoma ezimbili. Ngabe sengiqopha eyesibili ngoMeyi 8." Lo mculi uthe nakubo bekuba nguye obeqamba izingoma uma kuhlangene umndeni.
Uthe uqale wacula izingoma zabantu kodwa wagcina esekwazi ukuziqambela ezakhe.
Le ntokazi iphothule uGrade 12 eMgazini High ngaphambi kokuyokwenza izifundo zeHuman Resources Management eRichtek TVET College.
Indoni Yamashenge ivotelwa ngokuthumela i-SMS ebhalwe ukuthi MAMA0864 ku40439.