NGESIKHATHI umculi weBoom Shaka, uLebo Mathosa, edlula emhlabeni ngo-Okthoba 24, 2006 kwaphatheka kabi abantu abaningi.
ULebo washona engozini yomgwaqo ngesikhathi imoto ayehamba ngayo ishayisa isihlahla eGoli.
Umculi waseMhlumayo, eMnambithi, uMalibongwe "Mally" Sithole, wagqemeka engeqiwa ntwala ngokushona kukaLebo ngoba nguye owavumbulula ikhono lakhe ngalowo nyaka.
"Ngaqala emculweni ngo-2006 ngesikhathi ngiseKwaZulu-Natal ngaphambi kokudlulela eGoli ngonyaka ofanayo ngiyoqedela izifundo zami. Ngahlangana nomunye umuntu engangifunda naye, owagcina engithule kuLebo Mathosa owachazeka yikhono lami futhi wangicija."
Uthe yize ukushona kukaLebo kwamlimaza kodwa akumqedanga uthando lomculo.
"Ngabe sengihlangana noBongi Thabede noThando Thabede abangethula kuDoctor Khumalo owabona futhi wathanda umculo wami.
Wagcina esengiyisa eKalawa ukuze ngihlangane noMandla Spikiri naye owabona ikhono lami futhi waqinisekisa ukuthi kuqala uhambo lwami endimeni yomculo."
Uthe usekhiphe imicu emibili, okungothi Sthandwa Sami apike kuwo uXowla weNkabi Records ngo-2023 nothi Type Yami, abophele kuwo uMalome Vector awethule ngonyaka ofanayo.
"Sengike ngadlala nasemicimbini emikhulu yasemazweni angomakhelwane, iLesotho, Botswana naseSwatini futhi sengihambe zonke izifundazwe. ngokwahlukana kwazo kuleli lakithi."
Abanye abaculi aseke wacula ngokuhlanganyela nabo ngoDJ Tokzen, Alaska, AB Crazy, Uhuru, Aubrey Qwana, Spikiri, Mavusana, Jakarumba, Mshoza, Rashid Kay noSkhokho Obvious. UMally useke waqokwa futhi wanandisa kuMzansi Kwaito and House Music Awards.
Wafunda eNhlalakahle Primary, eBhande High naseDavey Secondary.