UMLINGISI owaduma emdlalweni iThe Wife uBonko Khoza (30), ubonge ukuvuleka kweminyango njengoba ezovela efilimini yopopayi iHeadspace ezokhonjiswa kulenyanga kuMnet.
Ngemuva kokungabonakali emidlalweni isikhathi eside, uBonko uthe ubesachitha isikhathi esiningi nendodakazi yakhe esencane nomndeni wakhe.
UBonko uke wavela komunye umdlalo wopopayi owawukhonjiswa kuDisney Africa, iKiya & the Kimoja Heroes ngoMashi kulonyaka nalapho ayedlala khona indawo kaKiya.
Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto ngefilimu yopopayi iHeadspace, uthe le filimu ikhuluma ngezilwane zasemkhathini ezihlasela abantu emhlabeni.
Uthe uzobe edlala indawo kaNorman okungumuntu ozobe elwa nalezi zilwane zasemkhathini.
Lo mdlalo uthe uhluke kakhulu kuleyo ajwayele ukuyidlala njengoba manje sekumele alingise indawo ezobukwa yizingane ezincane.
“Isikhathi esiningi besengingabonakali kuTV, ngicabanga ukuthi lokho kungisize kakhulu ngoba njengamanje sengibuye ngamandla nangegiya eliphezulu.
“Ngikhuluma nje kulenyanga kuzophuma ifilimu yopopayi iHeadspace nalapho engizobe ngidlala indawo kaNorman ozosiza abantu abahlaselwa yizilwane zasemkhathini.
“Njengoba kulokhu kuvela lamafilimu, lokhu kusho ukuthi iminyango ilokhu ivuleke njalo kimi futhi abantu bengalindela lukhulu.
“Kule filimu abantu kungabanzima ukuthi bezwe izwi lami njengoba ngikhuluma ngendlela yaseMelika, kodwa uma sebelalelisisa bazozwa ukuthi kuzobe kuyimina,” kusho lo mlingisi ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto.
Eqhuba lo mlingisi owaduma njengoMqhele kuThe Wife uthe abalandeli nabathandi bomsebenzi wakhe basazojabula njengoba ezophinde akhiphe ingoma.
“Kulo nyaka abantu abahlale belindele izinto ezinkulu ezivela kimi, ngeke ngibaphoxe abalandeli bami kodwa ngithi nje kubona abahlale belindile,” kusho lomlingisi waseGoli.