EMINYAKENI eyedlule umculi wokholo, uLungelo Hlongwane, ushise izikhotha ngenoni elithi Qhubeka futhi wawola ngalo imiklomelo.
Kulezi zinsuku ushiya abazalwane besahalela impinda ngomucu osihloko sithi Imithandazo Yami.
ULungelo (26) waseMlaza ukhuze ibuya emculweni ngale ngoma ngaphansi kwenkampani yakhe, i-Abongwe Events and Communications.
Lo mculi ukhiphe le ngoma nje emuva kokukhalaza eminyakeni emibili eyedlule ngokungaqashwa yize ayenengoma eyayihlanyisa wonke umuntu. Ngenxa yalokho waze wakhipha umucu owawuthi Uyangilwela UBaba.
Nale ngoma ethi Imithandazo Yethu seyiqalile ukugila izimanga ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuTiktok njengoba abantu benza ama-video behlabelela leli noni.
ULungelo uthe okwenza abantu bazifele ngeMithandazo Yethu ukuthi bayakholelwa ekutheni uNkulunkulu kuphela ophendula imithandazo yabantu.
"Sengàthi leli culo lingasikhuthaza ukuba sikhuleke kakhulu futhi sikhumbule ukuthi izindlebe zikaNkulunkulu azivaliwe kodwa ziyalalela. Uyezwa futhi uyayiphendula imithandazo yethu."
Uthe wabhala leli culo ekhungethwe yizinselelo kodwa enhliziyweni yakhe enethemba elibekwe kuye.
Eqhubeka uthe immangazile indlela ingoma yakhe yakamuva emukelwe ngayo yizinkumbi zabantu kanye nobufakazi babantu abathi basizwe yileli culo ekuxhumaneni noNkulunkulu ngenxa yokuhlabelela Imithandazo Yethu.
Le ngoma seyenze uLungelo waphenduka inyama kubahleli bemicimbi.
Ungomunye wabaculi bokholo abazobe beshiyelana inkundla kwiPre-Easter Gospel Music Festival eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini, ngoMashi 23 kusukela ngo-6 ebusuku.
Kubaculi azobe enandisa nabo kulo mcimbi kubalwa uCanaan Nyathi, Ntokozo Ngongoma, Sindi Ntombela, Putuma Tiso, Khaya Mthethwa, Thulani Gah Ndlela, Jumbo, Mpumi Mtsweni, Lusanda Beja, Xolly Mncwango, Thandeka Dube, Ncebakazi Msomi nabanye.
Amathikithi okuthamela lo mcimbi asatholakala eTicketpro naseSpar ngoR150 (Auditorium Seating), R250 (General Seating), R350 (VIP) nangoR450 (VVIP)