AYAPHELA amaphupho kwabadlulele emzuliswaneni wamanqamu emqhudelwaneni wamaciko asafufusa, Ushuni Womhlaba, kuSABC1 phakathi kuka-6 no-7.
Kulo mncintiswano iKwaZulu-Natal imelwe yinsizwa yaseManzimtoti, eThekwini, uMthobisi “Gudaazi” Gudazi.
Lo mculi ufike kwezwakala kulo mncintiswano njengoba enekhono lokuhlanganisa uhlobo lomculo wamanje nowamzukwane.
Ngaphandle kwalokho, uchaze amajaji nezithameli ngokukwazi ukucula zonke izinhlobo zomculo. Uthe uhambo lwakhe emculweni lusuka kude njengoba enekhono lokuxoxa indaba ngengoma ngenxa yokukhula emndenini ozifela ngomculo.
UGudaazi uzobe edlana imilala nozakwabo uLindokuhle “Lindo Jay Music” Mthimunye waseMalahleni eMpumalanga noThandikhaya “Joliza Bhacasoul” Magayiyan waseGqeberha, e-Eastern Cape.
Ozodla umhlanganiso phakathi kwalaba baculi uzokhala amuke nesamba sikaR500 000, owesibili uzoklonyeliswa ngoR300 000 bese kuthi owesithathu athotshwe inhliziyo ngoR200 000.
Ngaphezu kwalokho umculi uzocijwa ngozakwabo asebephumelele futhi agixabezwe nangesivumelwano sokuqopha.
Kulo mcimbi ozobe usakazwa bukhoma kulindeleke abaculi abadumile abazonandisa kuwo.