IQEMBU legqom' laseThekwini, Amachillaz selivumelene nama-Elevators ukusebenzisa isigqi sabo engomeni kaBabes Wodumo entsha ethi Mastende.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi Amachillaz esole ama-Elevators ngokweba isigqi sengoma yabo bayinikeza uBabes kungavunyelwene. UBongokuhle “Butho” Ngcobo weqembu Amachillaz uthe sebenze isivumelwano sokuqopha ingoma entsha nama-Elevators, lena endala inikwe uBabes.
UBotho uthe ama-Elevators akhombise ukuzisola njengoba ethembise ukubaqophisa ingoma entsha estudiyo sabo.
“NgoLwesibili, bekumele sihlangane ePolice Station eWorkshop, nama-Elevators ukuze ezokhokha imali yethu kodwa sahlala sawalinda lutho ukuqhamuka. Basishayele ucingo basitshela ukuthi kunganjani siqophe ingoma entsha ngoba vele lena endala isisetshenziswe nguBabes kanti futhi ivimbanisile ezinkundleni zokuxhumana, sivumelene ukuthi sizoyiqopha kubona ingoma enesigqi esiihlukile.
“Ngokwami bengingathanda ukuthi kubuye isigqi sethu nengoma, kodwa ke ngoba vele sisengabaculi abazizamelayo sizovuka sizithintithe. Ama-Elevetors ayecabanga ukuthi sizothula nje kanjalo ingoma yethu ithathiwe, kwakungeke kwenzeke lokho. Kuyasithokozisa ukuthi sesivumelene nabafwethu ukuqopha enye ingoma,” kusho uButho.
Isolezwe Ngempelasonto lathinta uSpha “Mphara” Shongwe weqembu ama-Elevetors ngeledlule, waziphika izinsolo zokuthi webe izinsimbi zengoma yeChillaz, wathi kunalokho waqala phansi wafaka izinsimbi ezintsha maqede wasebenza noBabes engomeni entsha.
“Izinsimbi mina ngaziqala phansi ngoba bona base bethe ngeke besasebenza nami ngoba ngifune enye imali. Into bona ebakhalisayo wukuthi ngisebenze noBabes. Ngibonile nje sebeqalile bengifaka koFacebook kodwa mina kanginankinga,” kusho uSpha.
Imizamo yokuthola uBabes ayiphumelelanga, ucingo belukhala lungabanjwa.