Umculi kamaskandi ozalwa yingwazi yalo mculo engasekho, uSifiso "Umfana Wekhansela" Mkhize, uthunuke amanxeba abantu ebebesondelene nobengumbhali wemidlalo yeshashalazi, uDkt Mbongeni "Madlokovu" Ngema.
Umfana Wekhansela (36) uzifake obishini ngokwenza kabusha ingoma kaMadlokovu ethi Isitimela SaseZola kungavunyelwene, wayiqamba kabusha wathi Ngikukhumbule.
Lo mculi, ozalwa nguKhansela wodumo lukaKhansela No-JBC, uthe wenze le ngoma ngomaskandi ngenhloso yokuhlonipha uMadlokovu ngoba ukhule kubo elalela umculo wakhe.
Uthe uthathe le ngoma wayiqamba kabusha, ngenhloso yokujabulisa izithandani ngeValentine's Day nabashadayo.
"Ngiwumlandeli omkhulu kaMbongeni Ngema. Ngimncane, sikhule ekhaya kudlalwa kakhulu ngubaba wami uKhansela umculo kaMbongeni Ngema kusengamarekhodi," kuphetha Umfana Wekhansela.
Kule-albhamu kaMfana Wekhansela ethi Ngenziwa Yilo, kubhalwe ukuthi zonke izingoma zibhalwe wuSifiso Mkhize kwathi uMadlokovu washaywa ngesithende ekubeni kufudunyezwe ingoma yakhe.
Umsunguli woMkhokha The Curse kuMzansi Magic, uMandla KaNozulu, uthe le ngoma ikhishwe ngesikhathi esibi kusalilwa ngokudlula emhlabeni kukaMadlokovu. UNgema ubefihlwa ngoLwesihlanu emuva kokushona engozini yemoto eLusikisiki, e-Eastern Cape ngoDisemba 27.
"Kubuhlungu ukuthi kuvele le ngoma engenziwanga nakahle futhi siyizwe sisesemanzini. Uma uzosebenzela phezu kwengoma ekhona, awusho ukuthi uyiqambile, futhi kumele uthole imvume kumnini wayo. Baningi asebeke bayenza le ngoma ngoba iyathandwa kakhulu ngabantu."
UMandla uthe bazolusukumela udaba lwale ngoma.
"Sizokhuluma nabashicileli abasemthethweni bakaMadlokovu, ukuba benze uhlelo lokuthi isuswe le eyenziwe yile nsizwa. Ngiyasola ukuthi lo mbhemu wenziwe wukungazi, hhayi ngoba edelela.
Kuzomele bafundiswe abaculi, ikakhulukazi njengoba abaningi sebezikhiqizela futhi bazishicilelela umculo wabo," kusho uMandla.
Inkakha yamaSoul Brothers futhi eyasebenza noNgema ekuphrojuseni nasekudlaleni i-organ kwiSitimela SaseZola, uMoses "Black Mose" Ngwenya, ithe bayahlupha abaculi abasafufusa emculweni ngokufudumeza izingoma zabaculi abadala ngaphandle kokucela imvume kubanikazi bazo.
Ubanxuse ukuba bakhombise inhlonipho kulabo asebemnkantshubomvu ngokuba bakhulume nabo kuqala, ukuze bathole imvume.
Umfowabo kamufi, uNhlanhla Ngema uthe okwamanje basazokwenza ucwaningo ngale ngoma yoMfana Wekhansela ngoba akazilutho ngale ngoma nangaye umculi imbala.
"Angazi lutho nangesivumelwano uma basenza noNgema. Uma enganginikeza noma yini okumayelana naso ngingabonga kakhulu," kuphetha uNhlanhla.
Akuqali ngoMfana Wekhansela ukuqopha kabusha ingoma yomuntu ngaphandle kwemvume. UMtshengiseni wake wenza ekaRichie S eyayithi African Dance nekaSipho Mabuse ethi Jive Soweto, uMgqumeni wathatha eyeMafikizolo ethi Wemntomnyama, uMjik'jelwa wathatha eyeThe Soil ethi Mkhuluwa nabanye.