ISIHLOKO: Ulawula Njalo
UMCULI: Mnikazi Wefoshuna
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UTHOBANI "Mnikazi Wefoshuna" Dlamini, akafikile kodwa uthelekile emculweni kamaskandi. Le nsizwa yasesigodini saKwaDindi, KwaMafunze, eMgungundlovu, iqale yaziwa njengemenenja kaMthethwakhe Langa ngo-2016, ngaphambi kokuzimela ngo-2019. Nonyaka uMfokaJeq' Ongenasishebo ushaye kwabola ebaculwini abaningi ngoba esematheni ngenoni lengoma yehawu elithi Wekhehla Lami. Abaculi abasinde lapha sebeyophuza ubisi. Ezinye izingoma ezingichazile ngezithi Sengaliwe, Yimi Unongoloza, Niyathanda Ukukhuluma, Mina Ngakudlisa, Salala Kanye, Wamuhle Ntoyami, Sono Soni, Unamathatha, Lomuntu Engambulala, nethi Uyangichomela.
UMnikazi Wefoshuna upike abaculi abaningi, okuwumqondo omuhle, okubalwa oGovozile, Ojikelele G, 2 Short, Bobo Umfana Wepiki noThembelani Nxumalo.
Isigingci sixetshulwa nguMjikigquma, esebhesi sibhambabulwa nguDogzin Ntshingila, inkositina idlalwa nguThuthani kanti ama-keyboard axavathwa nguJJ Mbuthuma.
Angichazile ama-backing, angikhumbuze awaMageza Amahle kusekhona uMphondi noNjencane.
Ungamthathi kancane uMnikazi Wefoshuna ngoba useke wawuzungeza umhlaba. Usebuya eBrazil, Peru, Libya, Tanzania, Spain, Panama, Burundi, Ghana, Kenya naseNigeria.
Lo mculi uyindodana kaKhonzaphi noVusi Dlamini, futhi ufunde KwaDindi Primary, naseMlungisi High.
Ushayile impela nonyaka uMnikazi Wefoshuna kodwa ngiyamcela angagadli kakhulu ngezindaba angenasiqiniseko ngaso ngoba zizogcina sezimgaxelisa kungenasidingo.