LUKHUZA ibuya namajaji amasha uhlelo lomculo i-Old Mutual Amazing Voices ezoqala ukudlala kwithelevishini kusukela ngo-Ephreli 11.
Lolu hlelo olwaqala ngonyaka odlule luzojajwa ngumculi waseNingizimu Afrika uVusi Nova, Ammara Brown waseZimbabwe, Trigmatic waseGhana, Evelle owanqoba kuma-Idols aseNigeria ngo-2014 noPhilip Tuju Sijenyi owaziwa ngoFilah waseKenya.
Kulona kuzobe kuncintisana amaqembu aseGhana, Zimbabwe, Kenya, iNingizimu Afrika neNigeria okuzoba ngokokuqala ikhona kulo nyaka.
Amaqembu, anamalungu aphakathi kwamane kuya kwayisishiyagalombili, azobe ecula phambi kwamajaji ngenhloso yokuhlomula ngomklomelo ongukheshi ka-$100 000.
UNomsa Philisi ongumqondisi weziteshi zokungcebeleka zakwaM-Net, uthe bayajbula ngokulethela ababukeli babo enye isizini ye-Old Mutual Amazing Voices.
"Lo mncintiswano womculo awugqugquzeli nje kuphela ukubamba iqhaza kwezwekazi lonke kodwa wenza kukhulunywe, wakhe imiphakathi futhi unikeza amaqembu anethalente ithuba lokubonisa ubuciko bawo kubantu abaningi futhi athole nokufundiswa ngabaculi abahamba phambili e-Afrika," kusho uNomsa.
UThobile Tshabalala oyiHead of Brand kwa-Old Mutual Limited, uthe bayaziqhenya ngokuba yingxenye yalolu hlelo olukhombisa ububanzi bethalente lase-Afrika.
"Kulo nyaka sengathi kuzoba ngcono kunangesizini yokuqala futhi sesijahe kabi ukubona ukuthi kuzokwenzekani kuze kuphele uhlelo ngoJulayi 5 2021," kusho uThobile.
Ngonyaka odlule abadla umhlanganiso a yiqembu leRnB laseKenya iWanavokali elathola u-$100 000 (imali elinganiselwa kuR1.5 million)
I-Old Mutual Amazing Voices yalo nyaka izoqala ngo-Ephreli 11 kuMzansi Magic nakuMzansi Wethu ngo-5 ntambama.