UKUTHENGWA ubuthaphuthaphu kwamathikithi okuthamela ikhonsathi yomculi waphesheya kwezilwandle, uTamia, eSunBet Arena, ePretoria, kwenze abahleli balolu chungechunge, bandisa isibalo.
Umgqugquzeli walo luchungechunge, uThato Segaole weVertex Entertainment, ukuqinisekisile ukuthi sekunenye ikhonsathi kaTamia ngeSonto.
"Ngenxa yesikhalo somphakathi kulandela isimemezelo sokuphela kwamathikithi ezinkundleni zokuxhumana izolo (esho ngoLwesithathu), sithathe isinqumo, uma kwenzeka, sengeze uchungechunge lwaseGauteng.
“Ukutholakala kwendawo nezingxoxo ezibe phakathi kwethu noTamia nethimba labaphathi bakhe izolo ebusuku (ngoLwesibili), ukutholakala kwakhe kwenza umcimbi ongeziwe waqinisekiswa," kusho uSegaole.
UThato uthe uTamia ukhombise injabulo enkulu ukuba nesikhathi esiningi eNingizimu Afrika.
"Sekusemthethweni, uqinisekisiwe umcimbi owengeziwe," kuphetha uTamia.
UTamia uqale ukunandisa kuleli eGrand Arena Grandwest, eCape Town ngoMsombuluko. Uzodlulela eDurban ICC, eThekwini ngoLwesihlanu bese imbenge beyiphothula eSunBet Arena, Time Square, ePretoria ngoMgqibelo neSonto.
UTamia uzakhele udumo ngamanoni athi So Into You, Stranger In My House, Almost, Missing You nelithi Who Do You Tell. Kule micimbi uzobe ebhulelwa amazolo ngumculi wodumo kuma-Idols SA, uLloyiso.
Lo luchungechunge lwaseNingizimu Afrika lwesekelwe yimisakazo, yiKaya FM neKfm 94.5. Amathikithi abiza uR390 noR1490 eTicketpro.