Iqembu likamaskandi, Abafana BakaMgqumeni, ligqemeke udume lwengozi ngesikhathi lithola ukuthi izingoma ze-albhamu yalo ebhekwe ngamehlo abomvu esihloko sithi I-love Bite, aziphelele ezinkundleni zokuxhumana.
UNelisani “Undlemnyama” Mseleku, uxolise kakhulu ngesigameko esibehlele.
“Siyaxolisa sonke, sehlelwe inkinga yokuthi izingoma zingaveli zonke. Thina sikwenze konke, sathumela inkampani esifakela umculo ku-online. Njengoba kunguMsombuluko silindele ukuthola ukuthi inkinga yenzeke kanjani.”
UNdlemnyama uthe ngoLwesihlanu bahluleka ukuthola ukuthi inkinga idaleke kanjani, yingakho bebethule, yingoba bebengazi nokuthi bathini kubalandeli babo.
UNdlemnyama, obuye aziwe ngelikaJezekhelu, uqhubekile nokuxolisa kubalandeli bezaseNdlunkulu.
“Yobe siyazendlala, sigxobeni ngezinyawo, ngisho iphutha noma lingekho kithina, siyazi ukuthi nina nazi thina. Konke enikusho kithina ngokudideka nokucasuka, siyakwemukela, kunifanele nikusho.”
Esephetha uNdlemnyama, uthe bazobuya babazise abalandeli bomculo kamaskandi ukuthi kugcine kwenzekeni.
Abafana BakaMgqumeni, ababuye bavele ohlelweni lwethelevishini iKings of Maskandi kuMzansi Magic, bayingxenye yabaculi abazobe beshiyelana inkundla kwiMpucuzeko Maskandi Festival, ePeople’s Park, eThekwini ngo-Agasti 17 kulo nyaka.
Leli qembu lizobe lishiyelana inkundla noKhuzani, Inkosi Yamagcokama, Buselaphi, Muntuyenziwa, Mzukulu nabanye.