KULINDELEKE izinkumbi zamabhinca emcimbini wokukhunjulwa kwesihlabani somculo kamaskandi, uMjik'jelwa "Ichalaha likaShafuza" Ngubane, ozokuba sesigodini saKwajikijiki, KwaMaphumulo ngoMeyi 25 kulo nyaka.
Umfowabo okunguye ohola amaqembu kamufi, uBhekihonga Ngubane, uthe ngalolu suku kuzobe kwembulwa itshe lesikhumbuzo saleli qhawe elasishiya emhlabeni ngalolu suku.
UBhekihonga uthe umcimbi awuxhasiwe kodwa ugqugquzelwe ngabalandeli bale ngwazi, Izihonga neZihongakazi.
Uthe izinduna zeZihonga neZihongakazi zithe zinesifiso sokuthi ngalolu suku, okuyi-Africa Day, kube khona isiteji ukuze kugiye zonke izinsizwa futhi kugqashiye nezintokazi ezisendimeni yomculo.
"Zithi lokho kuyisifiso nje esisemqondweni wazo kodwa azikwazi ukusifeza ngenxa yamandla. Zithi ziyacela kunoma ngubani ongaba nothando namandla okufeza isifiso sazo ukuthi asondele. Ngokusho kwazo azikhethe bala lamuntu, noma ngubani ongaba nothando lokubona into ethinta iChalaha iyinhle, wamukelekile ukuthi alule isandla."
Naye uBhekihonga unxuse izikhulu zikahulumeni nakosomabhizinisi ukuba baphonse itshe esivivaneni ukuze umcimbi ube yindumezulu.
Ikhono likaMjik’jelwa lavumbululwa wuMgqumeni "Ibhova LikaDikadika" Khumalo, ngo-2001. Yize ayefikele ukuba yigidangoma kodwa wagcina esebamba iqhaza ekuqanjweni kwezingoma futhi esecula nakwaBakwethu.
UMjik’jelwa wabuye wahlukana neBhova, wajoyina i-Amon Music. Wafike wavelela nge-albhamu yokuqala eyayithi Sihlupheke Sonke. Kusukela lapho lo mculi akabange esabheka emuva. Wafika kusavimbezele uMgqumeni noMtshengiseni kodwa wafike wangena phakathi kwabo. Ezingomeni ashise ngazo izikhotha kukhona ethi Bafikelwe, Ngaphekwa YiBhova, Mkhululi Wami nethi Lalilihle.
Ube namaqembu amane, okunguMjik'jelwa, Amangcukumane, Omenzelwa neChalaha LikaShafuza.
Ubuye wacula no-Ali Mgube neGcokama Elisha, bezibiza ngoNdabuzekwayo futhi baze bayonandisa eNetherlands.
Naye wavumbulula ikhono labanye abaculi abanjengoMpilo Mkhwanazi, Phiwe Manqele, Nhlanhla Mseleku, Indodakazi Yentandane naMafikalishona.
Nemiklomelo uyiwolile ngomculo njengoba kwaqala futhi kwagcina ngaye ukuwina indondo yeBest Popular Album kumaSatma Awards nge-20 Years Ago.
Engomeni ehlukanisa unyaka oKhozini waphuma kwiTop 4, ehlula ngisho oBlack Coffee futhi wabuye waphuma phambili kwiTop 30 yomaskanda.
Abaculi abadumile manje abadlule esandleni sakhe ngoNtencane, Sminofu, Bhekihonga, Mnikezwa nabanye. UMjik’jelwa washonela esibhedlela iKing Edward VIII ngoMeyi 25, 2018.