KUZODELA umakhasana ozozibonela ngawakhe amaqembu esicathamiya asafufusa edlana imilala kuchungechunge lwenhlolokhono ezobanjelwa ezindaweni ezihlukahlukene ezingaphansi kukaMasipala weTheku kusukela ngoMgqibelo wakusasa.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, ukuthungathwa kweqembu lesicathamiya elivelele eThekwini kuzoqala kusasa eStable Theatre. Amaqembu azohlabana azodlulela emzuliswaneni wamanqamu ozokuba ngenyanga ezayo.
"Amaqembu anogqozi nofuqufuqu ayakhuthazwa ukuba abambe iqhaza kulolu chungechunge lwenhlolokhono oluzohambela ezindaweni ezahlukene kusukela ngoNovemba 19 kuya kuDisemba 4. Le nhlolokhono izoqala ngo-9 ekuseni kuzozonke izindawo."
Inhlolokhono izoveza amaqembu esicathamiya indlela yokuzikhangisa ngoba umculo wesicathamiya uyimboni esemqoka ekuthuthukiseni umnotho. Imininingwane egcwele ngale nhlolokhono imi kanje: Kusasa izokuba seStable Theatre, idlulele ehholo lakwaBester ngeSonto, iqhubekele eWiggins Hall ngoNovember 26, eMnini Thusong Centre ngoNovemba 27, eClermont Hall ngoDisemba 3 nakwaXimba Community Hall, eMkhambathini ngoDisemba 4.
"Abafuna ulwazi oluthe thuthu ngale nhlolokhono yesicathamiya, bengashayela ku-031 311 4482 noma ku-031 322 7790 noma babhalele ku- [email protected] noma ku- [email protected]