UMNIKAZI wenkampani ekhiqhiza umculo i-Afrotainment u-DJ Tira, udinwe uthelwa ngamanzi futhi uthi ufuna ukuthi owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu, azehlise axolise ngokumdelela nokubiza utshwala bakhe ngomchamo kwividiyo ayishicilele esebenzisa inkundla yokuxhumana uTik-Tok.
Isolezwe likhulume noDJ Tira kulandela isigameko lapho kuthiwa kushode ozogadla kuqala phakathi kwakhe noNgizwe ngesikhathi behlangana emcimbini iNkosinathi Mcabangelwa Cele Tournament ebiseShobeni, eZingolweni muva-nje.
Indaba kuthiwa iqalwe nguTira esesiteji, ethi kuNgizwe akazoxolisa kuyena ngezinto azisho ngaye kuTik Tok. Sebendawonye kuphela lo mcimbi, uTira wale waphetha ukushutha noNgizwe, ethi usamdinelwe.
UNgizwe ubonakala kwividiyo ebiza isiphuzo esinotshwala sika-DJ Tira iMakoya Bearings ngomchamo, waphinde wamsola ngokuvalela amanye amaciko ngaphandle.
Le ngwazi engumsunguli weqembu iBig Nuz nabanye abaculi abashisa izikhotha endimeni yomculo weGqom neKwaito, ithe noma imdinelwe uNgizwe kodwa izimisele ngokumxolela uma nje uNgizwe engazehlisa ezoshweleza kuyona.
“Yimina yini owasukela uNgizwe? Nguyena owangisukela ngizithulele ngiziphushela ibhizinisi lami. Into eyangenza ngakhuluma esteji wukuthi wenza sengathi konke kuhamba kahle phakathi kwethu, ekubeni azi kahle ukuthi wangisukela engichapha ngezinhlamba koTik Tok kodwa manje uma sesibonana usefuna ukuzoshutha nami.
“Angisiyona indoda enonya mina, ngingumuntu ophila nawo wonke umuntu. Uyabona uma engazehlisa azoxolisa kimi, ngiyomxolela ngenhliziyo emhlophe. Mina ngihleka nawo wonke umuntu kodwa futhi angithandi ukuthathwa ngenye indlela,” kuchaza uTira.
Umhleli walo mcimbi uMnuz Nkosinathi Cele, uthe kuzomele baluxazulule lolu daba lwabo ngoba bangamaciko akhonzwe kakhulu KwaZulu-Natal.
“Lo mcimbi wami iNkosinathi Mcabangelwa Cele Tournament ngiwenza njalo ngoJuni 16 ngenhloso yokugqugquzela intsha ukuthi ithande ezemidlalo, ngiphinde ngikhiphe nezipho ezibhekiswe kubantu abadala,” kusho uCele.
Imizamo yokuthola uNgizwe ayiphumelelanga, ucingo belukhala lungabanjwa.
Akukhona okokuqala ukuthi uNgizwe azithole esenkingeni emcimbini, nyakenye uke waphambana nowayengundunankulu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala kodwa bagcina bethelelane amanzi emva kokuvulelana amacala.