ABACULI bakamaskandi ababengamathe nolimu kodwa asebeyinkukhu nempaka, uMbuzeni Mkhize neNyonemhlophe, baqhathwe kwiBest Maskandi Guitarist kuma-1st Mzansi Musical Instrumentalist Awards ase-ICC Arena, eThekwini kusasa ngo-6 ebusuku.
UMbuzeni uqokwe ngengoma ethi Ishoba Lenkonkoni kanti uNyoni Emhlophe utonyulwe ngethi Umona Wesilima.
Lezi zinsizwa esezike zacula ndawonye kuMabhenanyawo, akwaziwa ukuthi zaxatshaniswa yini kodwa ingxabano yazo sekuyinto eyaziwayo. Sezike zagadlana nangezingoma.
Laba baculi baseSouth Coast bazoqala ngokuyonandisa emcimbini wokwethulwa kweCD kaBahubhe eWorkshop Amphitheatre (ezitebhisini), eThekwini kusukela ngo-9 ekuseni, lapho zizobe zishiyelana inkundla neThwasa Lekhansela, Amaviyo, Mudemude, Qhoshangokwenzakwakhe, Luve Dubazane, Sgwebo Sentambo, Imbongolo, Nqobile Mbandlwa, Malahle, Saliwa, Vukani Nzama, AmaBullet, Mphuphe, Amavukayibambe, Amagqishamnkantsha, Umlazi New Sound, Mateabags, Ichwane Lebhaca, Mjikelwa, Ibhunu Leplazi nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe wuKiss B4, Somnyama Khumalo, Mashudula noNkunzemnyama.
Laba baculi badlana imilala kulo munxa weBest Maskandi Guitarist noMshikashika Wezintombi, Khaya Mkhize noMatshitshi Ngema.
Kweminye iminxa kuboshelwe kanje: KwiBest Instrumental Album kutholene phezulu uCebo Ngema, Siyanqoba Mthethwa, Lally Shabalala, Zazi Mncube, Sbu Mashiloane, Seko Mnguni, Musa Skosana, Kgethi Nkosi noLinda Sikhakhane.
USeko Mnguni ubuye wadedelwa noSiyabonga Duma, Umkhumbane Jazz Ensemble, Musa Skosana noNhlakanipho Zulu kwiBest Cover Instrumentalist.
Umkhumbane Jazz Ensemble uqhudelana noSakhile Simane, Thabo Sikhakhane, Kgethi Nkotsi, Siyalo Zulu noLinda Sikhakhane kwiBest Jazz Horn.
KwiBest Jazz Pianist kubambene uMthobisi Mthalane, Mpho Kodisang, Sbusiso Mashiloane, Thembelihle Dunjana, Lindelwe Ngonelo noZibu Makhathini.
KwiBest Jazz Percussionist kududulana uMbongeni Zibane, Sphelele Mfusi, Menzie Mkhize noLuyolo Nakasa. UCebo Ngema ugoklozana noMdu Mahlobo, Zazi Mncube noDane Duwane Francis kwiBest Jazz Guitarist.
Umdlali wama-drums oqavile uzophuma phakathi kukaSphephelo Mazibuko, Siyabonga Xulu, Sbusiso Zondi noThabiso Mnyama. Nabadlali betende abasalanga ngaphandle njengoba kuqhathwe uDah Ngwenya, Lihle Dumisa, Maqhawe Dlamini noMusa Skosana.
Kubadlali bama-drums emculweni wokholo kuboshelwe uBanele Dhlulisa, Charles Mnomiya, Siyabonga Xulu, Sbahle Mthembu, Seko Mnguni noMzwandile Bhengu kanti kwiBest Gospel Pianist kuqhathwe uNtuthuko Dlamini, Siyanqoba Mthethwa, Bheki Mthembu, Mandla Chonco noKhensani Khoza.
Abagqugquzeli bathe izicukuthwane zizobe zinyathela kancane kukhaphethi wegolide kusukela ngo-4 ntambama