UMCULI wokholo owazakhela udumo ngokudla umhlanganisio kwi-I Want To Sing Gospel, uLungisani Ntuli, uzokhipha incwadi egonyuluka ngembangela yokugqabuka kwegoda lomshado phakathi kwakhe nomkakhe.
Uthe wagcina ehlukene nomkakhe emva kokuthi emshayele ucingo lwase lubanjwa yindoda thizeni, uthi kusukela lapho wazama ukuzihlehlisa kuyena.
Elandisa Isolezwe ngoMgqibelo, uthe kumsizile ukuthi incwadi abese eyiqedile ukuyibhala ingasheshe iphume ngoba kuningi okuphinde kwenzeka empilweni yakhe okumele aphinde akufake kuyo.
"Ngibona kufanele ngixoxele abantu ngohambo lwami lwempilo ukuze bazi amaqiniso ngemboni yomculo. Abantu bazitshela ukuthi abaculi baphila impilo ephezulu, le ncwadi izoveza ubunjalo bemboni yomculo."
Ekhuluma ngomcimbi wakhe ozokwenzeka ngoDisemba 9, uthe lo mcimbi ungowokugubha usuku lwakhe lokuzalwa nokubonga uNkulunkulu ngokumgcina nangokumlwela ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19
"Kuze kwaba la uNkulunkulu esigcinile, bengibonga uNkulunkulu ukuthi usasigcinile wasivikela kulolu bhubhane lweCovid-19. Akekho owayazi ukuthi kuzokwenzekani, kepha uNkulunkulu ube muhle salondeka emseni wakhe."