IQEMBU likaSkhumbuzo "Mavulakuvaliwe" Mhlongo, iZulu Messengers, likhale lemuka nesamba sikaR30 000 nomgqomo wenkomishi ngokudla umhlanganiso kwiNational Isicathamiya Competition ePlayhouse Opera Theatre eThekwini namhlanje. AmaBhoza Kacothoza, okuyigama okubuye kuteketiswe ngalo ezikaMavulakuvaliwe, aqumbe phansi amaqembu abeqhathwe nawo angu-131.
Izimbangi zeZulu Messengers yakwaHlabisa, iRoyal Messengers yaKwaNongoma eholwa wuMbhekiseni “MaSurprise” Khumalo, zilale isibili futhi zahlomula ngesamba sikaR20 000 nomgqomo wenkomishi.
Kuhambe kanje kwiTop 20 yalo mncintiswano. Unombolo 20 uthathwe yi-Island City Boys, 19. PMB Happy Boys, 18. James Black Birds, 17. Nombika, 16. United Brothers, 15. Nzimakwe City Boys, 14. Nkululeko, 13. Newcastle Black Tornado, 12. PMB Happy Boys, 11. Abafana Bokuthula Bangempela, 10. Ndwedwe Perfect, 9. SA Professionals, 8. Abafana Bokuthula, 7. Nyuswa Homeboys, 6. Ndwedwe Originals, 5. Umoya Omuhle, 4. NMZ Power Singers, 3. Uxolo Can’t Get, 2. Royal Messengersf kwathi unombolo 1 kwaba yiZulu Messengers. KoNobuhle Junior kuwine uSisanda, Amanda noPhiliso ophume isithathu kwathi kuNobuhle Senior kwahlabana uNgenzeni equmba phansi uMpume noSmangele ophume isithathu. Koswenka Bothando Senior kuwine uMtshali, ehlula uNgubane noMgobhozi ophume isithathu.
Uhlelo beluphethwe ngobunyoninco ngabasakazi asebathatha umhlalaphansi kuKhozi FM, uThanda Ndlovu noVicky Masuku.
Ethimbeni lamajaji bekuboshelwe nomholi weqembu le-contemporary isicathamiya, iThee Legacy, uJabulani Mthembu nezinkakha zemizwilili yomculo we-opera, uJean Richmond noNkosingiphile Ncayiyana. Selokhu lo mncintiswano wasungulwa eminyakeni eyedlule bekuqala ukuthi umcimbi usingathwe yikomiti labaculi nokuthi ingabikhona eminye iminxa efana neStandard Section, Open Section neTop 20.
Kuvele kwaqhathwa amavukane nezingwazi kulo mculo. Izinga lengqephu konobuhle nasemaqenjini beliphezulu kakhulu.