INKAKHA yomculo wombhaqanga, uSbusiso Mbatha wodumo kuBangani nakoFlende, uhlonishwe ngeLifetime Achievement Award kuMbhaqanga Heritage Music Show eStable Theatre, eThekwini, ngoMgqibelo.
USbusiso ngomunye wababamba iqhaza ekugqamiseni umculo womgxobanyawo ngeminyaka yo-1980. Ngalezo zikhathi wayebambisene neSoul Brothers, Lucky Dube, Pat Shange, Abakhwenyana, Babsy Mlangeni, Mazambane nabanye. Abangani yiqembu eladuma kakhulu ngamanoni athi Iva, Mpho noMphonyana, Sivikele, Obhari, Yinde Indlela, Ngizoshada Naye, Sizoyivava Lezozo, Ngixolele, Izintombi Zodwa nethi Uthembeni Na.
Kule ndumezulu yomcimbi bekushiyelana inkundla Ababekezeli, Gudlugu, Miya Brothers, Abagandayi, Bonani Mhlongo, Oswenka, Mdabu Ngqulunga, Vusi Ngcobo, Abancengi Bempilo, Odali, Abangani, Abagijimi, Amabhungu, Msobompofu, Ozakwabo, Osbali Basemzini, Miya Brothers, Mzumbe Brothers, Njabulo Blose, Gudlugu, Bra Gee, DT Malembe, Thokozani Qoma, Ikhehla Elipheth' Isitayela, Amasoka, Maxakaxaka Nezihlobo, Joe MZ Nabasebenzi, Thokozani Zwane nabanye abaningi.
Phakathi kwezicukuthwane kubalwa unobhala weSamic, uRomeo Qetsimani, Sipho Phoswa, umethuli woGubhu Lwami, uMadlokovu Ngema, umsakazi weVibe FM, KingSA Gumede, nabanye.