"NGOLWESITHATHU bewumamatheka, namhlanje kawusekho. Ulale kahle mama wami. Ulale kahle Masumpa. Phumula Ngwane," lawa ngamazwi adabukisayo navuse iminjunju ashiwo yisihlabani somculo kamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi emuva kokudlula emhlabeni kukanina, uMaSangweni. Lombhalo bewuhambisana nesitatimende senkampani aqopha ngaphansi kwayo. Besidalula ukuthi uNtencane usethathe isinqumo sokuhoxa emicimbini abezonandisa kuyo njengoba esevelelwe yilo mshophi.
"Unina ugulile, engena ephuma esibhedlela njengoba muva nje eveze isithombe enaye, echaza ukuthi ujabule kanjani ukumbona emamatheka futhi." Siqhubeka isitatimende senkampani sithe ngeke idalulwe imininingwane eminingi ngokushona kukanina kaNtencane futhi sathi abaphathi, uNtencane nomndeni wakhe bayanxusa ukuba bangaphazanyiswa njengoba besemanzini.
"Imininingwane mayelana nemicimbi ehoxisiwe kuzoxhunyanwa ngayo ngokuhamba kwesikhathi," kuphetha isitatimende. Ekuqaleni kwale nyanga Isolezwe libikile ngokuphazamiseka kukaNtencane ukuba aqophe i-albhamu yakhe entsha ngenxa yokuxinwa wukugula kukanina.
Lesi sihlabani esahlukanisa unyaka oKhozini ngengoma ethi Wawuthembeni nesishisa izikhotha ngonqambothi oluthi Bayangisabawela, sadalula lezi zindaba ekhasini laso likaFacebook.
'Angisiye umuntu omemezela ngokuthi i-albhamu izophuma maduzane ngoba ngisuke ngifuna ukuze ngiqede kahle umsebenzi bese ngimemezela sekuphothulwe konke." UNtencane wathi uphoqelekile kulokhu ukuba amemezele ukuthi uzokhipha ngenxa yokuthi ubethole ingqayizivele yethuba lokukhuluma oKhozini. "Ngagcina ngikuvezile ukuthi ngizokhipha nakuba ngangingakazi ukuthi nini."
Uthe izinhlelo zokuqopha ziphazamisekile ngoba usuke wabanjwa wumkhuhlane kwagcina sekubhimba izinhlelo zezinsuku zokungena e-studio.
"Nalezo zinsuku seziphinde zaphazanyiswa ukugula kukamama osesibhedlela kumanje. Angikwazi ukushiya isimo sakhe singakabi sihle, ngiyohlala eGoli ngiqophe. Umama uyikho konke kimi. Ukungaphili kwakhe kuyangiphazamisa."
Eqhuba uthe uma unina esheshe walulama i-albhamu yakhe izophuma ngezinsuku asezihlelile.
"Kodwa uma kuqhubeka sesiyobona ngonyaka ozayo, ngane zakwethu," kuphetha uNtencane.
Isolezwe lize laya koshicilela ingatholakalanga imininingwane nngezinhlelo zamalungiselelo omngcwabo kamufi.