UKUFINYELELA kowamanqamu emncintiswaneni ama-Idols SA, kwenza uMr Music akholwe wukuthi amaphupho ayafezeka.
UMr Music igama lakhe okunguLungisani Mthethwa, waKwaMbonambi eRichards Bay, usesele embangweni noZama Khumalo waseMalahleni eMpumalanga, emncintiswaneni osongwa ngeSonto.
NgeSonto eledlule kuphume uBrandon Dhludhlu waseBarberton.
“Angikholwa ukuthi sengilapha,” kusho uMr Music izolo ekuseni.
“Lokhu yinto ebiyiphupho kimi. Sengiyakholwa manje ukuthi amaphupho ayafezeka, into uma uyikhuluma ngomlomo iyenzeka. Ekhaya nabo basamangele ugogo, umamncane, umalume nabafowethu nodadewethu.”
Uthe uyaziqhenya ngokufinyelela kulesi sigaba somncintiswano ngoba usebenze ngokuzikhandla.
“Abantu bebekhuluma izinto eziningi bengigxeka bezama ukwehlisa isithunzi sami. Uma usemncintiswaneni abalandeli benibanga nabo bavele bazame ukukuqeda amandla kodwa ngime isibindi futhi ngiyaziqhenya ngokuba lapha,” kusho yena.
Esiqeshini sakamuva uMr Music, Zama noBrandon bethule izingoma zabo ezintsha abaziqophe eKalawa Jazmee. UMr Music ukhiphe ethi Ngikhethe Kahle, uZama wakhipha ethi Ndizobizwa kwathi uBrandon wadedela ethi Uhambe.
“Ukuba sestudiyo nabantu abahlonishwayo yithuba elingandele bani. Kungenze ngabona ukuthi ikusasa lami kalifile, kuzophusheka futhi ukuba kulo mncintiswano ngeke kube ngukugcina kwami. Abantu basazongibona kakhulu. Ngiyacela bangivotele hhayi ngasekhaya kuphela kodwa eNingizimu Afrika yonke.”
UZama noMr Music babanga inkontileka yokuqopha neKalawa Jazmee, iToyota Starlet 1.4 XR Manual, imikhiqizo yakwaSamsung kaR150 000 nokunye.
Ukuvota kuvalwa ngoLwesine. Ukuvotela uMr Music uthumela i-sms ethi 5 ku-37400 kanti ukuvotela uZama uthumela u-4 enombolweni efanayo.
USUPHAKATHI kukaZama noMr Music umbango wesicoco somncintiswano wama-Idols SA njengoba sebekowamanqamu
Isithombe: SITHUNYELWE