IGCAGCELE esokeni kubathandi bomculo kamaskandi akade bakulangazelela ukuhlabana amalunda ngeziginci phakathi kukaMbuzeni Mkhize noMuntuyenziwa "Mnandebhemile" Khanyile.
La maciko axebula isigingci aqhathwe kwiMpucuzeko Maskandi Festival ezoba sePeople's Park, eThekwini ngo-Agasti 17.
UMuntuyenziwa ngumculi kamaskandi owaqala ukuvelela esadlalela uKhuzani isiginci njengoba aze ahlabana ngomklomelo weGold Disc nge-albhamu eyayithi Inyoni Yomthakathi. Lo mculi waseNkandla uzobe emele ozakwabo bangaphesheya koThukela.
UMbuzeni yena usematheni kulezi zinsuku ngokuxebula isiginci esinenkosi phakathi kwinoni likaMthandeni elithi Paris. Le nsizwa yaseMkhomazi yona izobe imele omaskanda baseSouth Coast, amaBhenanyawo. UMuntuyenziwa uthe yena njengonkulunkulu wabobonke ezigincini uzobabeka izandla ngamunye ngamunye.
"Naye lo abamlethayo mhlaka-17, ngizomthandazela vele kodwa angazi ukuthi sizothi isithunywa ngimgwilizise kangaki, sekuyokhuluma sona.
“Okunye okumele bekuqonde abadlali beziginci ukuthi akakazalwa oyobamba uMuntuyenziwa, kungenzeka usesebhanoyini eliletha abantwana kulo mhlaba. Anginawo amaningi, okuningi kuyocaca ngosuku lwesigameko,"
UMuntuyenziwa uthe kodwa sekuyizikhawana impela manje bemqhatha nabafundi bakhe ukuba abathandazele. “Lokho kungijabulisa kakhulu ngoba kuveza ngokusobala ukuthi inkunzi ngubani, imisebenzi iyaqala manje iyazikhulumela,” kuphetha uMuntuyenziwa.
Eziphendulela uMbuzeni uthe uzodedela wonke amanoni awathembile. “Abantu bazoke bezwe ukushaywa kwesiginci bukhoma. Ngicabanga ukuthi le nsizwa esiqhathwe nayo kade yayingifuna ngakho ingitholile-ke, manje kuzohlehla ichakide, ngiyakutshela,” kuphetha uMbuzeni.
Yize uMbuzeni enamava amaningi kunoMuntuyenziwa njengoba eseke wasebenza noNomcebo Zikode, Trompies nabanye futhi usewuzungezile umhlaba kodwa uMuntuyenziwa unzima ngempela ngesiginci.
Abanye abazoqhudelana ngobuchule bokudlalwa kweziginci yiThwasa Lekhansela neNkosi Yamagcokama.
Lezi zinsizwa zizobe zishiyelana inkundla noQhosha, Buselaphi, Izingane Zoma, AmaYellowbone, Stability, Saliwa, Khuzani, Cevuzile, Dumakahle, Amageza Amahle, Amangcukumane, Vumile Mngoma, Ugqoko, Thokozani Langa, Njoko, Mzukulu nabanye.
Amathikithi abiza u-R150 eTicketpro naseSpar.