INGQALABUTHO kwezomculo we-Afro jazz, uMcCoy Mrubata, izoxoxa indaba ngohambo lwayo emculweni futhi ikhumbuze izethameli ukuthi ngezimpande zakhe.
UMcCoy uzobe ekwenza ngomculo ekhonsathini yakhe eCentre for Jazz and Popular Music eNyuvesi KwaZulu-Natal (Howard College), eThekwini ngoLwesithathu (namhlanje) kusukela ngo-5 ntambama.
Lo qolothakamango emculweni uthe uzoqinisekisa ukuthi izithameli zibuyela emakhaya zingawuvali umlomo ngamangwevu azowakhipha.
Lo mfuthi we-saxophone ogabe ngamava eminyaka engaphezu kwewu-40 eyibambile insimbi ishisa emculweni, uthembise ukushiya izithameli zisahalela impinda esteji..
"Ngizobe nginandisa nebhendi esesingeni eliphezulu nezobiholwa ngu-Andile Yenana, omunye wabadlali bophiyano abahamba phambili kuleli futhi onguthisha ohlonishwayo. Ibhendi ibophele amalungu anekhono eliyisimanga okubalwa kulo uNtokozo Nsibande kwi-trumpet, uThuto Mosemme kwi-double bass, noSbu Ncube kuma-drum."
UMcCoy, owazalelwa elokishini laKwaLanga, waqala emculweni ngamahubo aseZayoni nawezangoma. Ukucijwa yizingwazi zangakubo, okungoWinston Mankunku Ngozi, wodumo lwenoni elithi Yakhal' Inkomo noMadoda Gxabeka, yikho okwamcabela indlela ebheke empumelelweni.
Emculweni okhokhelwayo uMcCoy wangena ngeminyaka yo-1980 ngokufudumeza izingoma zamabhendi anjengoFever and Airborne ngaphambi kokujoyina iLouis and The Jive.
Ukugqama emculweni kwenzeka ngesikhathi ikhono lakhe lihlonzwa nguSipho Hotstix Mabuse ngo-1987, nokwaholela ekutheni akhiphe i-albhamu yokuqala ngaphansi kweZomba Records ngo-1988.
Selokhu angena emculweni uMcCoy, useke wasebenza nezinkunzi ezinjengoHugh Masekela, Sipho Gumede, Paul Hammer noVusi Khumalo.
Useqophe uxhaxha lwama-albhamu asewole inqwaba yemiklomelo emiqhudelwaneni eminingi. Ubuye wabamba iqhaza emidlalweni yeshashalazi ngokuyikhiqizela izingoma futhi wacija amaciko asafufusa.
Ngakho abazohambela ikhonsathi likaMcCoy kulindeleke ukuthi babheme bakholwe.
Amathikithi okuthamela umcimbi abiza uR110, awabahola impesheni abiza uR80, bese owabafundi abize uR50.
Ngemininingwane egcwele kungangenwa kule-website: https://www.webtickets.co.za