IGQEMEKE engeqiwa ntwala imboni yomculo kuleli kudlula emhlabeni omunye umrepha.
Imibiko evelayo ithi umrepha odabuka eMpumalanga, uCosta Titch, udlule emhlabeni ngemuva kokudlikiza wase eyaquleka enandisa emcimbini i-Ultra obubanjelwe e-Expo Centre eNasrec, eGoli, izolo ebusuku.
Lokhu kumangaze abaningi ngoba ubebukeka engumqemane edansa esiteji kumnandi.
Umndeni wakhe ukhiphe isitatimende uqinisekisa imibiko yokufa kwalo mrepha obethandwa abaningi ngomculo nomdanso wakhe.
“Siyabonga kwabezimo eziphuthumayo nabo bonke abebekhona ngehora lakhe lokugcina kulo mhlaba. Siwumndeni sibheke nesikhathi esinzima sokuzama ukuqondisisa lesi simo esisehlele ngakho-ke sinxusa ukunikezwa isikhathi sokwetshisa okwenzekile,” kusho isitatimende somndeni.
Osaziwayo banikele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ubuhlungu ngokudlula emhlabeni kwalo mrepha.
UNtando Duma ubhale ukuthi kubuhlungu kakhulu okukaCosta ngoba ngobesanda kukhuluma naye emahoreni ambalwe ngaphambi kwesehlo.
Uncome ukuzinikela nobumnene bakhe. “Ubunomusa, ubukhali emsebenzini wakho futhi usebenza ngokuzikhandla kodwa futhi ungazikhukhumezile,” kubhala uNtando kwi-Instagram
“After this I’m gonna do Music & I’m gonna ba an Artist” 🕊️💔✌🏾
— Roboto x3 (@Robot_Boii) March 12, 2023
You said it and you did it…from being a Dancer to a Super Star 💚 Thank you for taking it there 🙏![CDATA[]]>🏾 Prayers go out to the Family & TITCH GANG. #RipCostaTitch pic.twitter.com/5vGuuLumqg