IQEMBU le-Afro house laseMpophomeni, eHowick, iMC Records KZN, lizogubha ukuhlabana kwalo kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) kwi-1st Umngeni Music Festival, ezinkundleni zemidlalo zaseHowick, ngoDisemba 10, ngo-5 ntambama.
I-MC Records KZN yathusa abantu abaningi ikhala yemuka nomklomelo weBest Afro Soul kulo mqhudelwano wezindondo eMpumalanga, nyakenye. Leli qembu laqumba phansi abaculi abaziwayo, okungoTokie Tokie wodumo kuma-Idols SA noMotlanele.
Kulo mcimbi lizobe lishiyelana inkundla nezihlabani zomculo zakuleli, okukhona kuzo uMampintsha, Blaq Diamond, Soul Kulture, Dida BLK, MC Killah& Silent Killah, Msizzy Vee, TeamOswabi, Sbhobhie KCF nabanye abaningi.
USthembiso "Mr Fresh" Mncwabe uthe njengamaqhawe awina indondo yama-Satma Awards bathe abanikeze amaciko akule ndawo ithuba lokuveza amakhono awo nokushiyelana inkundla nabaculi abaziwayo.
Uthe bahlale phansi noMasipala waseMngeni ukuze bathole uxhaso ukuze lo mcimbi ube yimpumelelo futhi wenzeke minyaka yonke.
"Inhlosongqangi ukuthuthukisa indawo yaseHowick enomlando wamaqhawe anjengoDavid Masondo nokukhulisa izinga labaculi bangapha nokunqanda intsha ukuba ingagxili ezidakamizweni ngenxa yokungawatholi amathuba."
Uthe maningi amathuba azodaleka njengoba belindele ukuba umcimbi uhanjelwe ngabantu abangaphezu kuka-4 000.
"Osomabhizinisi abasakhasa bazothola ithuba lokudayisela izithameli ngaphakathi." Eqhuba uthe bazobuye baqwashise ngezingozi nangezinye izinkinga ezibhuqabhuqa amalungu omphakathi waseHowick.
Esephetha uthe amathikithi aseyatholakala eWebtickets nasezitolo zasePick 'n Pay ngoR60 nangoR180 kanti esangweni azobe ebiza uR100 nangoR250 kodwa iCoolerbox ungena ngoR100.