KUZODELA uMakhasana ozozibona zibulalana ngengoma kwiNisishiyelani Maskandi Festival, ezinkundleni zaKwaMtamtengayo, ngaseZwelibombu, ngalo Mgqibelo (namhlanje) kusukela ngo-12 emini.
Kule ndumezulu yomcimbi izethameli zizobona bukhoma iqembu lendawo elishisa izikhotha kulezi zinsuku nge-albhamu ethi: I-Player Lendawo ekubeni nyakenye belingaphumi esiteji lingacelwanga impinda ngenoni elithi: Ngikhethe Kahle, Amasinamuva Amasha.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uTana Dladla wenhlangano etakula amaciko iNisishiyelani Foundation, uthe inhlosongqangi ngalo mcimbi ukuqwashisa ngezidakamizwa emphakathini.
Uthe Amasinamuva Amasha azobe eshiyelana inkundla nezinye izihlabani zikamaskandi, okubalwa kuzo uBahubhe, iNkosi YamaGcokama, Ithwasa Lekhansela, Ibhova Elincane, Ithole leNdidane, Gadla Nxumalo, uMjikijeli, Umjolisi, Lagxabha, Masiliva, Mafakhiza, Khululiwe Zulu, Somatekisi, Iphixiphixi, Abasekwandeni, 2Short, Abangani Abahle, Slash, Mdurbani, Sgwebo Myeza, Amahlebezi, Umlungu, Bongani Ndlovu, Mashonisa, Abadlali Bonyawo, Sceke Sentombi, Abanikazi, Skhala Nene, Sandi Magubane, Malahle, Chomakufanele, Amavimba, Govuza, Abadlwane beBhova, Jeqomkhulu, Zakhele Ngcobo, Mjikelwa, Khaya Manqele, Gobamashinga, Sambane, Amabomvu Amahle, Masantula, Udumo nabanye.
“Sinxusa abantu ukuba batheleke KwaMtamtengayo. Umcimbi uqala ngo-12 emini bebade, uyoze uphele ngakusasa entathakusa. Lapha senzela abangenazo izimoto ukuze baphephe ezingozini, bazithole ezokuthutha ngakusasa,” kusho uTana one-studio okuqopha kuso abaculi abaningi KwaMtamtengayo.
“Amathikithi azotholakala esangweni ngo-R50 abadala, bese kuthi izingane zesikole kube u-R20. Sithi abantu baseZwelibomvu, KwaNdengezi, Desai, Clermont, Dassenhoek, iTheku lonke nabaqhamuka kuzo zonke izinkalo, abeze sizoyibhikla!” kuphetha uTana.