IQOPHAMLANDO ngempilo yomsunguli weLadysmith Black Mambazo, uSolwazi Joseph "Mshengu" Shabalala, ihlabane ngomklomelo wesibili kwi-Art& Tur Film Festival e-Ourem, ePortugal.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, ifilimu esihloko sithi Music My Life-Joseph Shabalala and Ladysmith Black Mambazo iwine emunxeni weBest Music and Dance Film emuva kokuqokwa emafilimini awu-87, yahlungwa kwamanye akhangisayo namadokhumentari awu-281 akhiqizwe emazweni awu-32.
Phakathi kwamanye amafilimu angomlando wabanye osaziwayo basemazweni ahlukene, kubalwa uDolly Parton, Whoopi Goldberg noStevie Wonder, okungamanye amaciko ake asebenzisana noMshengu.
Esitatimendeni uCarolyn Carew, uthe kube yinto enkulu kuye ukuwelela eFamita, ePortugal, ukuyokwamukela indondo ngefilimu yabo. Lo phrojusa wefilimu ubonga kakhulu iKwaZulu-Natal Film Commission, ngendima eyiklamile ekwesekeni ukuqoshwa nokuthunyelwa kwefilimu efestivelini.
Umqondisi weMusic My Life: Joseph Shabalala and Ladysmith Black Mambazo, uMpumi Mbele, uthe impumelelo kaMshengu imenze wagqama kakhulu ezihlabanini zase-Afrika.
"Le filimu ithatha ababukeli ibabeke ngohambo lwakhe ngokomoya," kuphetha uMpumi.