INDODANA kaMjik'jelwa "Ichalaha LikaShafuza" Ngubane ngokozalo, uPhiweyinkosi Thandelani "Umzukulu kaShafuza" Ngubane, usule abantu abaningi izinyembezi kwathi abanye bavukwa wumunyu ngesikhathi eqondanisa ushuni weChalaha.
Umzukulu KaShafuza (20) wasesigodini sakwaJikijiki, KwaMaphumulo, uhamba ezinyathelweni zeChalaha nge-Extended Play (EP) album ayikhiphe ngoLwesihlanu esihloko sithi Wajola Ngiyajola. Ezingomeni eziqukethwe yileli cwecwe kubalwa ezithi Ngithule Ngiyabuka, Miningi Leminyaka, Forever Wena nethi Amambawu. UMzukulu KaShafuza usebenze kule-EP noyise omncane uMnikezwa "Ismakwana SikaShafuza" Ngubane onguphrojusa nobuye aphelezele ngezwi uMzukulu KaShafuza nensizwa eyayigidela iChalaha, uMangqezu Chiyi.
UMzukulu KaShafuza uthe ubuye ngezinkani kulo nyaka futhi uyabadabukela abakhiphe ngemuva kwakhe ngoba akazile ukuzosinisa amahleza. Uthe umculi ozosinda kulo nyaka kuyofanele aphuze ubisi ngoba ushaya umzimba ngengoma maqede umzimba uziwele.
"Emculweni angizile ukuzodlala nezingane kodwa ngizokhonya kuphela." UMzukulu KaShafuza useqalile ukuzakhela ugazi emabhinceni ngomucu othi Akasangifuni nothi Isikhathi Sami. Kulezi zinsuku uqashwe emicimbini eminingi okubalwa kuyo Umbuso Wamaciko Maskandi Festival noKhahlamba Music Festival lapho ezoshiyelana khona inkundla nezingwazi esezimnkantshubomvu emculweni.
Uthe ungene emculweni ngo-2019 emuva kokudlula emhlabeni kukayise ophakathi, uMjik'jelwa.
"Ngangiwumuntu othanda izigingci. Emuva kokudlula kukaMjik'jelwa, ngabe sengenza i-video ngicula ngaye. Yabe seyisabalala ezinkundleni zokuxhumana. Ayithokozela kakhulu amabhinca, echazwa yiphimbo lami. Lowonyaka kwakuwu-2019 engagcina ngingene ngawo emculweni," kusho indodana kaHlulokwakhe Ngubane noGuqephi Dladla.
UMzukulu KaShafuza uqale ukuqopha nge-albhamu esihloko sithi Ngawe Chalaha maqede walandelisa ngeyesibili ethi Inkawu Ngenja ngo-2022.
Uthe isifiso sakhe ukuthi umculo kamaskandi ubuyiselwe ezimpandeni zawo ngokuthi kugxilwe ezingomeni ezinomyalezo owakha isizwe.
"Udinga ukukhuliswa futhi uthuthukiswe ngoba yiwo oveza ubuthina nokuthi singobani kwezinye izizwe."
Eqhuba uMzukulu KaShafuza uthe usephethwe nguyisekazi wakhe ngokozalo, uSamkelisiwe Ngubane.
UMzukulu KaShafuza ukhulele endaweni yaseNtembisweni lapho eqale khona ukufunda eNtandoyethu Primary naseCandabuthule High. Umculo uwushebe nemfundo waze waliphothula ibanga leshumi (Grade 12). Ebuzwa ukuthi ufuna ukufundela muphi umsebenzi, uthe akakazi ngenxa yokuthi esakhula wayezimisele ngokugcina ebe yiphoyisa ukuze anqande ubugebengu eNingizimu Afrika.