UMAKADEBONA emculweni we-jazz, uThemba Mokoena, ngomunye wezingwazi eziboshelwe kwi2nd Durban Soulful& Heritage Experience ese-ICC Arena, eThekwini ngoDisemba 17, kusukela ngo-3 ntambama. UThemba ungumdlali wesigingci ohlonishwayo kuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle.
Le nkakha seyike yazungeza umhlaba nabaculi asebemnkantshubomvu okubalwa kubo oSibongile Khumalo, Hugh Masekela, Bheki Mseleku, Judith Sephuma nabanye abaningi. UThemba uhlonishwa kakhulu ngokuvunbulula nokucija izihlabani zomculo we-jazz, uSelaelo Selota noJimmy Dhludhlu. Kulo mcimbi uThemba uzobe eshiyelana inkundla namanye amaciko anedumela kuleli nasemazweni angaphandle, okubalwa kuwo u-Ernie Smith, Judith Sephuma, Brian Temba, Fanie Dick, Assorted Grooves, Lee Schultz (USA), Billy Monama, Thobeka Ndlovu, Neo Moroka, Linda Gcwensa, Yommy Sax nabanye.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uSthembiso Dlamini weG-Mellowz Entertainment, uthe lo mcimbi kwakufanele ukhuze ibuya ngo-Ephreli 30 kulo nyaka kodwa wahlehliselwa umhla ka-17 Disemba ngenxa yezikhukhula ezakhahlameza izindawo eziningi zaseThekwini. Okwenza lomcimbi ube nedumela nesasasa kubathandi bomculo we-jazz ukuthi ngo-2019 wawubophele ngisho izingwazi ezidume umhlaba wonke ezinjengoHoward Hewett noKaryn White.
Nakulokhu ubophele uSchultz (14) ongumdlali wezinsimbi ezihlukahlukene wakuleli kodwa osezinze e-USA.
Lo mthente ohlabe usamila sewudlale nabaculi abaningi abahlonishwa umhlaba wonke, abanjengoJonathan Butler, Kirk Whalum, Gerald Albright, Eric Darius, Kenny Lattimore, Pieces of a Dream, Bob James, Paul Jackson Jr, ukukha nje phezulu. Ubuye waheha izingwazi ezinjengoBrenda Russell, Janet Jackson George Benson, Stevie Wonder, ngisho noQuincy Jones, owaze wammema ukuba azomdlalela iphiyano.
I-Grooves Assorted seyike yadlalela abaculi abadume umhlaba wonke, okubalwa kubo oGlenn Jones, Howard Hewett, Eric Darius and Alexander O'Neal futhi yashiyelana inkundla neThe Manhattans. Abagqugquzeli banxuse abantu ukuba basheshe bathenge amathikithi ngoR250 ePick 'n Pay naseWebtickets ngenxa yokuthi indawo okuzobanjelwa kuyo umcimbi imumatha abantu abangeqile ku-1000