UGILA izimanga umculi wakuleli owaziwa ngoLuxury SA, okhiphe ingoma embeke ebalazweni futhi enconywa ngabaningi.
UTsholofelo Mokgothu (24) odabuka eKlerksdorp, eNorth West, ukhiphe ingoma ethi Crazy Vibes, enesigqi sama-piano. Uthe uqale ukwenza umculo esemncane kanti ubezijwayeza ngezindlela ezihlukile zokuhlanganisa umculo, ama-softwares futhi yikho okwenza awuthande.
Uthe kumjabulisile futhi kumthusile ukuthakaselwa kwengoma yakhe ngalolu hlobo, ekubeni ibingakaze idlalwe emisakazweni yakuleli.
“ICrazy Vibes idunyiswe yiTikTok ngoba ayikaze idlale emsakazweni. Into engenze ngijabule kakhulu wukunconywa kwayo nguLeBron James ongumdlali webasketball waseMelika, ekubeni ibukwe ngabantu abangu- 1 million kuYouTube, inenyanga ifakiwe,” kuchaza uLuxury SA.
ULe Bron James ufake ekhasini lakhe le-Instagram ividiyo yengoma yomculi maqede wabhala igama likaLuxury SA, njengomnikazi wayo.
Echaza ngosuku ayenza ngalo ingoma uthe wayeseyiqedile ngesikhathi umfowabo omncane embonisa ngokuthi ayengeze ngomsindo othile nokuyiwona owenza wayibiza ngeCrazy Vibes.
“Bengiwumuntu okuthandayo ukukhiqiza umculo othinta imimoya yabantu kangangoba inhloso bekuhlale kuwukuthinta umphefumulo, noma ngabe umuntu oyedwa,” kusho umculi
Phakathi kosaziwayo bakuleli abamcomile kubalwa uDJ Fresh noKabza.