LIZOBE ligaya ngomunye umhlathi kulo nyaka eqenjini elasungulwa nguMtshengiseni "Indidane" Gcwensa njengoba kubuye umculi ayeyibambe naye kusasungulwa Amageza Amahle, uMzameni "Njencane" Ngubane.
Sekungumlando ukuthi Indidane noNjencane bayibamba insimbi ishisa kuMageza kusukela ngo-2004, futhi bewola izindondo. Ngaleso sikhathi babe sabambisene nomufi uSbongiseni "Mphondi" Ntombela futhi bonke bengcwekisana nomufi uMgqumeni "Idlamanzi" Khumalo. Ngokuhamba kwesikhathi, uMphondi noNjencane bahlubuka kuMageza maqede basungula elabo iqembu elalaziwa ngokuthi Iziqhumane. Emuva kweminyaka ashiya kuMageza, uNjencane uzozwakala okokuqala kwi-albhamu yendodana yeNdidane, uSphesihle "Ithole Lendidane" Gcwensa, esihloko sithi Isihlahla Senhlakanipho.
Echaza ngokulanda kwakhe umculi owayeseyimbangi noyise esaphila, uSphesihle uthe yingoba efisa ngaso sonke isikhathi ukujabulisa abathandi bomculo wonkana.
"Nokuthi ngiyazibheka zonke izinto abakhala ngazo bese uma ngisakwazi ukufinyelela kuzo, ngikwazi ukubenzela ngoba bangabelungu bami. Baningi abantu bengithinta bethi ngelinye ilanga angibuyise uNjencane ngoba kukhona unqambothi oluzophuma."
USphesihle ubonge kakhulu kuNjencane ngokungambukeli phansi nokuvuma ukubamba iqhaza kule albhamu ezophuma ngoNovemba 25. Uthe usazoqhubeka nokuzisondeza nabo bonke abaculi abake babambisana noyise ngoba unenkolelo yokuthi kukhona lapho bezomcabela khona indlela. Esephetha uSphesihle uthe akasabi noyedwa umculi ngalolu lozolo lwecwecwe azolikhipha ngaphansi kweThole Lendidane.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNjencane akuphumelelanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.