SEKUQUBUKE ukudideka ngomculi ongunombolo 6 kwiTop 30 yabadlana imilala emncintiswaneni weQuantum kwiMother of All Maskandi Festival.
Okudida abalandeli bakamaskandi ukuthi babili abaculi abazibiza ngaleli gama. Kukhona uTornado waseCentane, e-Eastern Cape, nokuthiwa ngowaseMangwaneni, eBergville.
Indaba yalaba baculi isuswe wumbhalo kaShayina Elidulayo Dlamini kuBathandi Bakamaskandi/Maskandi Lovers Legacy lapho ethe: "Khona into ezosusa ukukhuluma kule nto yokufana kwamagama abaculi. Kulo mncintiswano wekhumbi njengamanje sinamaTornado amabili. Kukhona ozodla amandla omunye. Siyafisa nje kube nendlela engalungiseka ngayo le ndaba. Isiqala ukukhathaza. Wena ucabanga ukuthi yimuphi lo okunombolo 6, kubona bobabili?" Abanye abalandeli bathe bona bazoqhubeka bavotele oseKZN, bathi abanye bona bazofuqa amavoti kulo wangaphesheya kweNciba.
Ebuzwa umgqugquzeli walo mqhudelwano ngale mpicabadala, u-Eric Ngobe, uthe noma kungekho angakuphawula kodwa bona bazi uTornado, umfo kaNtenteni, wase-Eastern Cape, maqede wathumela ne-single poster yakhe anxenxa kuyo abalandeli ukuba bamvotele.
UTornado unxuse uzakwabo waseKZN ukuba angabe esamphazamisa kulo mncintiswano.
"Munye uTornado, yimi, ngashaya oSbo Da Poet noCevuzile kumaSatma Awards ngo-2012. Uma ningangazi, ngilandeleni khona nizongazi...Hhayi-ke ugama (ubizo) wami makaxole (ngoba) yimi-ke kule mdlalo uTornado," kusho owasephesheya kweNciba. Imizamo yokuthola owaseKZN, okhiphe i-albhamu ethi Ama2 By 2 nyakenye, ayiphumelelanga ngoba akabonakali nangokhalo ezinkundleni zokuxhumana.
Okwamanje kwiTop 30 kusaqengqeleza phambili uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu wasoPhongolo ngo-35.5% bese uMenzi Mabizela waseMnambithi alale isibili ngamavoti awu-5.6%. 3. Amageza Amahle-4.9%, 4. Dumakahle- 4.29%, 5. Imfezemnyama-4.4%, Tornado -3.15%, 7.Amadodana Entandane- 2.82%, 8. Skhenqe- 2.79%, 9. King Nuba -2.71% noQhosha endaweni yeshumi ngamavoti awu-2.45%.
UNgobe uthe abaculi abazogcina bengene kwiTop 30 ngosuku lokugcina yibo abazoba yingxenye yeMother of All Maskandi Festival.
Ubuye waveza ukuthi umculi noma iqembu elizogcina lilele isibili lizothola umholo ophindwe kabili emalini eliyibizile.
Esephetha uthe kulokhu bathathe isinqumo sokungabafaki oKhuzani noMthandeni emncintiswaneni ukuze badedele abanye kodwa bayobe benandisa eMoses Mabhida Stadium: People's Park, eThekwini, ngo-Ephreli 6.