IQEMBU elicula ngaphandle kwezinsimbi, iThe Soil, lizokhipha i-albhamu yalo yesihlanu ngaphandle kwelungu lesithathu, uBuhlebemvelo Mda, eselinqume ukugxila ekuculeni ngokuzimela.
Isikhulu senkampani okuqopha ngaphansi kwayo leli qembu, iNative Rhythm, uVelile Sithole, uziqinisekisile lezi zindaba futhi wadalula ukuthi isikhala sikaBuhlebemvelo sizovalwa wuTheo Matshoba, owadla umhlanganiso kwinhlolokhono yokuthungatha umculi wesifazane.
"Yisahluko esisha esisibhalayo futhi sithemba ukuthi umbhalo uzofundeka kahle. Ngikujabulele ukusebenzisana noBuhle eminyakeni engaphezu kweyishumi."
Uthe uyethemba ukuthi uzophumelela emsebenzini wakhe omusha. UBuhlebemvelo uthe uthathe isinqumo sokushiya kwiThe Soil ngoba esefuna ukukhula nokubhekana nezinselelo zendima yomculo engancike kumuntu."
UBuhlebemvelo uvumile ukuthi kumkhulisile ukusebenzisana neThe Soil. "Ngikhule ngiyingane yeThe Soil. Ngihambele imicimbi yakuleli neyamazwe ngamazwe futhi nginandisa kumafestivali amakhulu, phambi kwezinkumbi zabantu.
Angisoze ngasikhohlwa isikhathi engibe naso neqembu," kuphetha uBuhlebemvelo, othe uyakholwa kakhulu wukuthi uTheo uzoqhubeka lapho egcine khona.
Omunye wamalungu eThe Soil, uLuphindo Ngxanga uthe sikhulu isikhala esishiywe wuBuhlebemvelo futhi leli qembu ngeke lisafana nakuqala.
"Sikhulele eqenjini sonke kodwa siyameseka futhi simfisela okuhle kodwa kwakwenzayo," kusho uPhindo ocule noBuhlebemvelo kusukela besafunda esikoleni samabanga aphezulu.
UNtsika Ngxanga, ongomunye wamalungu amadala eThe Soil, kusukela besafunda isikole, uthe ujabule kakhulu ngekhono elehlukile elengezwe wuTheo eqenjini.
Eziphendulela uTheo, uthe igcagcele esokeni kuye ngoba bese kuphele iminyaka ewu-11 ekulangazelele ukuba yingxenye yeThe Soil.
UVelile uthe njengamanje iThe Soil ipheka icwecwe elisha estudiyo futhi izokhipha umucu wayo wokuqala emasontweni amabili azayo.
Uthembise abalandeli baleli qembu ubumnandi bodwa njengoba uTheo ezilungisela ukubeka induku ebandla ngephimbo lakhe kwiThe Soil.