IQEMBU laKwaNongoma kodwa elizinze ehostela lase-17 eMlaza, i-Royal Messengers, liqwaqwade amaqembu abekwi-Top 20 kwi-National Isicathamiya Championship ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngempelasonto.
Ngokudla umhlanganiso kuleli, lezi zinsizwa zaseHlalankosi zikhale zemuka no-R12 000 kwathi isibili, iXolo Can't Get, yaklonyeliswa ngo-R11 000. Abafana Bokuthula Bangempela bathole u-R9 000 ngokuphuma isithathu. Inkululeko ilale isine, yabe ihlomula ngo-R7 000.
I-NMZ Power Singers ihlabane ngo-R6 000 ngokuphuma endaweni yesihlanu.
INyuswa Home Boys ilale isithupha maqede yaklonyeliswa ngo-R5 000. I-James Black Birds iphume isikhombisa yahlomula u-R4 000.
INdwedwe Perfect Boys iklonyeliswe ngo-R3 000 ngokuphuma isishiyagalombili. UMoyomusha uphume isishiyagalolunye 9 wahlabana ngo-R2 000 kwathi i-United Brothers yathotshwa inhliziyo ngo-R1 000.
KoNobuhle Junior, obekubangwa isiteki sika-R31 000 kuwine uChunyiswa Chiya, isibili kube wuNozipho Mbatha, isithathu kwaba wuMaureen Tembe, isine u-Amanda Mbanjwa kwathi uSiphumlile Mgqila walala isihlanu.
Esigabeni soNobuhle Senior, kuhlabane uNgenzeni Ntanzi, isibili kube wuDudu Dlamini, isithathu kwaba nguStaff Dlamini, isine kube wuPromise Khumalo kwathi uPhumelele Ndlela walala endaweni yesihlanu. KoSwenka Junior, nakhona obekubangwa isiteki sika-R31 000, kuhlabane uLizwi Zikalala, isibili kwaba wuCaiphus Radebe, isithathu kube wu-Ayanda Nxumalo, isine wuSimphiwe Ndlovu kanti isihlanu wuDumisani Ngcobo.
Emunxeni woSwenka Senior kuphume phambili uBhekizenzo Buthelezi, isibili kwaba wuMongezi Mfene, isithathu siphunywe wuJames Makhathini, isine salalwa wu-Edward Xulu kwathi uMbuso Mazibuko waphuma endaweni yesihlanu.
Esigabeni esivulelekile, obekubangwa khona isiteki sika-R40 000, umhlanganiso udliwe yiCombination Brothers, elandelwe ezithendeni yi-Action Boys. Indawo yesithathu iphunywe oBen 10.
Isine silalwe yiViepers, isihlanu ngaMalanda Amhlophe, isithupha yiSA Action Boys, isikhombisa yiNhlokomo, unombolo 8 yiNew Generation, unombolo 9 yiXolo Mission Boys kwathi iNMZ Combination yaphuma endweni yeshumi.
Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe ngobuchule nobunyoninco ngababengabasakazi boKhozi FM, uThanda Ndlovu noVicky Masuku kanye noLee Hlophe osakaza umculo kacothoza oKhozini. IZulu Messengers, ongompetha be-Top 20 banyakenye, beyinandisa. USkhumbuzo "Mavula" Mhlongo uthe bakhiphe icwecwe elisha ngoMgqibelo ebeselitholakala kulo mcimbi.