IQEMBU lesicathamiya laseNdwedwe, iNombika Black Boys, liphucwe indondo yeBest Mbhaqanga maqede yadluliselwa eqenjini lombhaqanga, Ababekezeli.
Isolezwe ngoMsombuluko libikile ngobuhixihixi obenzeka emcimbini wamaSatma obuseMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMgqibelo owedlule.
Kulo mcimbi kwamenyezelwa ukuthi indondo yeBest Mbhaqanga iwinwe yiNombika Black Boys emunxeni eyayingaqokiwe kuwo. KwiBest Mbhaqanga kwakuqhathwe Ababekezeli noTrevor MTV. Ababekezeli nabanye ozakwabo babhoke bakhahlela ngalobu budedengu obenzekile futhi baze basabisa ngokuwaduba amaSatma.
Umholi waBabekezeli, uSiphiwe Zakwe, uze wasola ukuthi babanjwa inkunzi nje yingoba iNombika Black Boys ingeyaseNdwedwe lapho kudabuka khona umsunguli wamaSatma, uDkt Dumisani Goba.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeNombika ayiphumelelanga kodwa uZakwe uthe bajabule kakhulu njengoba bugcine benzekile ubulungiswa. Uthe bebengalweli ukuwina kodwa bebelwela ukuhlonishwa kwamalungelo omculo wombhaqanga.
NgoLwesine abamaSatma balilungisile leli phutha ngokumemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kwashelela ipeni. Bamemezele ukuthi empeleni iqembu eladla umhlanganiso emunxeni weBest Mbhaqanga kwaba ngaBabekezeli.
Baxolise kakhulu ngobuhixihixi obenzekile, bathi babengaqondile ukwenza umkhonyovu.
Oyisikhulu samaSatma, uNkk Zandile Ndzimande, uthe bakwenza kahle konke kodwa iphutha lenzeka sekushicilelwa imiphumela. Uthe igama leNombika Black Boys laphindeka kabili ngenxa yokuhixiza kwezobuchwepheshe ngesikhathi sebegaya imiphumela ezimvilophini. "Siyazi sonke ukuthi ngemizuzu yokugcina kuningi okwenzekayo namaphutha imbala.
"UNkk Ndzimande ube esexolisa ngabaphatheka kabi ngaleli phutha, ikakhulukazi abalandeli baBabekezeli, Trevor TMV nabeNombika Black Boys.Kwenzeka lokhu nje, umcimbi wamaSatma Awards uzokhonjiswa kuSABC 1 namhlanje ngo-8 ebusuku.
Ababukeli bazobona uNomcebo Zikode, Nathi Mankayi, Lebo Sekgobela, Cevuzile, Intaba YaseDubai namanye amaciko beshiyelana inkundla.
Bazobona kuhlonishwa obenguMiss Universe, uZozibini Tunzi, nezingwazi ze-Afro Jazz, uCaiphus Semenya noLetta Mbulu.