IZOLALA ibonene namhlanje, sekwaziwa ukuthi yimuphi umculi kamaskandi oyingqungqulu eshaya amaphiko kwiKhuphuka Nezakho Maskandi Festival eCurries Fountain Stadium, eThekwini.
Kulindeleke ukuba izinkumbi zabalandeli bakamaskandi zitheleke ngobuningi bazo futhi ziswenke ngemifaniswano amaqhawe azo, zizokweseka izintandokazi zabo kulo mcimbi.
Abaculi abasethubeni lokukhala bamuke nesamba sikaR100 000, kubalwa uKhuzani Mpungose, Mthandeni Manqele, Amavikelambuso, Amageza Amahle, Ithwasa Lekhansela neZechalaha, okungabaculi ebebelokhu bekuTop 6.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uLungelo "Ngelo V" Vilane, uthe abaculi bavotelwa ngokuthi abalandeli bathenge amathikithi anamagama abo eShoprite. Uthe umculi noma iqembu elizofika nabalandeli abaningi yilo elizohlabana ngalesi samba. Ukunqanda umkhonyovu, uthe isibalo samathikithi kufanele sihambe nesibalo sabantu abazobe besemcimbini ngoba ngeke libalwe ithikithi elingenaye umuntu enkundleni.
UKhuzani uthe uma ewina, umklomelo wakhe uzonikela ngawo emphakathini.
Eqhuba, uthe umlandeli ovote nge-SMS wabadlula bonke, naye uzobuyela ekhaya esehamba ngonyonyovu lwemoto yakwaNissan kanti abanye bazozihlomulela ngemifundaze yokulungisa izifundo zika-matric mahhala esikhungweni iSibani.
Kubaculi abazobe beshiyelana inkundla, kubalwa noSaziwayo, Bahubhe, Qhoshangokwenzakwakhe, Buselaphi, AmaYellowbone, Lagxabha, Skweletu, Mkhulekelwa, Mjolisi, Njoko, Mdumazi, Jaiva Zimnike, Mjabulisi, Khaza, Omacekeceke nabanye.
Amathikithi abiza uR200, awezicukuthwane abiza uR650 kanti awamaVVIP abiza uR900.