UKWANDA kwezigameko zokubulawa kwabantu besifazane nezingane sekwenze abaculi bokholo bathatha isinqumo sokuhlangana balwisane nalesi sihlava ngomkhuleko kwiGospel Beach Extravaganza epaki enkulu yaseMogale City-Muldesdrift, eGoli ngoDisemba 22 kusukela ngo-10 ekuseni. Omunye wabagqugquzeli bale ndumezulu yomcimbi, uNkululeko Khanyi, uthe babone kungcono babikele uMdali ngalezi zehlakalo ngoba banenkolelo yokuthi okungenzeki kubantu, kuyenzeka kuNkulunkulu. Uthe abazogcina ngokubalisa nokukhalaza kuNkulunkulu kodwa bazobuye bazibongele kuye ngokuhlenga izimpilo zabo kwaze kwaba lapha phezu kwezivivinyo ebebehlangabezana nazo kule minyaka embalwa eyedlule.
"Ngakho abaculi nezithameli bazothi belila bebe bedumisa uNkulunkulu .Lona umkhankaso ozoqhubeka njalo emuva kwezinyanga ezintathu." UNkululeko uthe bazobe bebophele abaculi abahlonishwa kakhulu kuleli endimeni yokholo, okubalwa kubo uHlengiwe Mhlaba ,uNtokozo Mbambo, uCanaan Nyathi,uTakie Ndou, u-Ayanda Ntanzi no-Omega. Uthe uzokukha phezulu abambalwa ngenxa yokuthi yinqwaba yabaculi abanohlonze abazobe besina bededelana kule nkonzo. "Izithameli zizobuyela emakhaya zibheme zakholwa futhi zibusisekile njengoba zizobe zisheba umculo nezintshumayela ezinohlonze ezizobe ziqhululwa ngabaGcotshwa bakaNkulunkulu."
Eqhuba uNkululeko uthe abantu bazobuya bevuselelekile emoyeni ngoba nabethuli bezinkulumo ezakhaya bazobe bekhona, beholwa nguye njengoba aziwa kakhulu ngokukhuza ukuzibulala kubantu. Uthe ubuholi bukaMasipala waseMogale buzobuye bukhanyise amakhandlela ngenhloso yokukhumbula bonke abantu abadlule emhlabeni ngenxa yodlame lobulili esifundazweni iGauteng, okubalwa kubo Tsegofatso Pule.
"Enye inhloso ukulwisana nezinga lobugebengu ukuze kube nokuphepha kulamaholidi. Abefundisi bazobuye bekhulekele izindlela eziphephile kwabazobe behla benyuka belungiselela uKhisimusi." Uthe abalindele kuphela ukuba le nkonzo ihanjelwe ngabantu abazinze eGauteng kuphela kodwa nabantu bakwezinye izifundazwe bathembise ukuza ngobuningi babo.
UNkululeko wodumo lomkhankaso othi "Ungazibulali" uthe nabantu abazofika begula bazobuyela emakhaya sebephile beyimiqemane.
"Ngiyabanxusa abafuna ukubamba iqhaza nokuphonsa itshe esivivaneni kulo mkhuleko oyindumiso ukuba bashayele ku-0820476444." Esephetha unxuse abantu abazohambela lenkonzo baswenke sengathi badabuka eHaiwan (Haiwain Style) noma bafake izimpahla ezihlotshiswe ngezimbali (floral) njengoba bezobe beseBeach.
Amathikithi abantu abadala abiza uR350, awezingane uR220 bese awezicukuthwane abize uR500.