SEBEMI ngomumo abazobe bephethe uhlelo kuMbuso Wamaciko Maskandi Festival eWorkshop (Gugu Dlamini Park) eThekwini ngoMgqibelo kusukela ngo-9 ekuseni.
Kwabazobe bewakhipha bewafaka amaciko kubalwa uZama "Zulu Glamour" Mthalane osezakhele udumo kuSigiya Ngengoma, umsakazi wohlelo lukamaskandi kuJozi FM, uVusizwe "Sdudla Mavis" Langa, umsakazi weZwi Lomzansi, uBheki "Magaye" Cele, uNqobile "Modelikazi" Dlamini oqokwe kumaSatma nakumaSebenza, uKissBefore, Umsakazi Ongadumile, uSlow Mtshali nabanye.
UModelikazi, ongaconsi phansi kulezi zinsuku, uthe abantu abalindele umcimbi ozobe uhlelekile, ubuciko nobuchule bodwa.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi akekho umculi nomlandeli obanjwa ngophondo.
Kubaculi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa uShwi, Jaiva Zimnike, Gatsheni, Ntencane, Khuzani, Mthandeni, Inkosi Yamagcokama, Bahubhe, Sminofu, Falabo, Dumakahle, Mdumazi, Saliwa, Mzukulu, Imfezemnyama, Luve, AmaSAP, Ndoni, Buselaphi, AmaYellowbone, Dulas, Mnikezwa, Mafikizolo, Menzi, Skhenqe, Ithwasa Lekhansela, Skweletu, Njoko, Limit, Navigator, Quality, Mroza, Mkhathazi, Amavikelambuso, Amageza Amahle, Mzukulu KaShafuza, Gqizile, Ngena, Gcabashe, Maganga, Mnyovu, Mlabalaba, Njandini, Ezechalaha, Phakadelihle, Thandazani, Mjabulisi, Mntuyenziwa, Mjikijeli, Lagxabha, Zanefa, Mayekisa, Mjolisi, Thandeka Radebe, Mayoghurt noMjikelo.
Izithameli zizobe zingena mahhala kanti izicukuthwane zizongena ngoR850.