IZILOMO zosaziwayo zizohlanganyela ingoma okulindeleke ukuthi iphume maduzane.
UWiseman Mncube, odume ngendawo ayilingisa emdlalweni okhonjiswa kwiSABC 1 nsukuzonke Uzalo, uhlanganise amakhanda noMzambiya Zikode, umculi owaduma esemncane.
Yize bengafuni ukuphumela obala ngokuthi izophuma nini ingoma kodwa bathembisa ukuthi abangabazi ukuthi nakanjani izothokozelwa.
Ekhuluma nephephandaba uZikode uthe babekade beyikhulumela phansi eyokusebenza ndawonye benoWiseman kodwa isikhathi singaveli.
“Ngenhlanhla ligcine livelile ithuba lokuthi singene estudiyo, sipheke. Imininingwane eminingi sizoyiveza kahle uma konke sesinesiqiniseko ngakho. Kodwa sinesiqiniseko sokuthi ingoma izosikhandela abalandeli abasha ngoba izoshisa izikhotha,” usho kanje.
UWiseman uke wasematheni kuleli sonto emuva kokuveza kwakhe inani lesithabathaba somuzi wakhe aqede ukuwakha eVryheid.
Uveze ukuthi umuzi wakhe ubize uR3.1 million, nokwenze abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana bahlukane phakathi, abanye bemhalalisela kanti abanye bembona njengomuntu ochomayo.
Lo mlingisi useke wahlomula ngenqwaba yezindondo okubalwa eyeBest Actor Award emkhakheni weTV drama kumaSouth African Film & Television Awards (SAFTA) ngo-2020.