ABACULI abazakhele udumo ngamanoni kaKhuzani Mpungose bakhiphe ubisi lwengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku, esihloko sithi Xola. UNkosiyethu "Luve" Dubazane (34) waseNhlungwane, oLundi noSiphesihle "Sphe" Zulu (28) wesaKwaMthethwa, eMpangeni, bahlabelela le ngoma eyi-EP album kaLuve esihloko sithi Ithuna Lesigebengu. Laba baculi sebezakhele udumo ngokwenza ingoma ibe wunqambothi ngamaphimbo abo. Ubufakazi balokho yingoma kaKhuzani eyahlukanisa unyaka eyayithi Ijele nenye esavutha bhe esihloko sithi Ngavele Ngamnika. Echaza ngale ngoma, uLuve, uthe ibajabulisile indlela ingoma yabo ebe nesasasa ngayo emphakathini njengoba seyiqalile ukuhlatshelelwa emicimbini yasemakhaya nasezinkundleni zokuxhumana.
"Indlela esamukeleke ngayo, isithokozisile kwazise uvalo benginalo emuva kokuba bengigxekwa ezinkundleni zokuxhumana, kuthiwa ngeke ngikwazi ukucula. Bengixwayiswa ngabalandeli ukuthi uma ngike ngacula ngedwa ngizohluleka, maqede kuphele ngami endimeni yomculo ngoba ngimuhle uma ngibhekha emuva kukaKhuzani noQhosha," kusho uLuve, oqale ukuzakhela udumo ngokupikwa wuQhosha ngaphambi kokusebenza noKhuzani.
"Indlela le ngoma yethu nobhuti uLuve ebe nesasasa ngayo, isho lukhulu ngale ndlela yokuthi angazi ukuthi ngingachaza ngithini. Uma ngibona indlela abalandeli abayithokozele ngayo le ngoma, ngiphelelwa ngamazwi enjabulo. Kuyacaca ukuthi ube muhle kakhulu umsebenzi esiwenzile." Eqhuba uSiphesihle uthe ingoma yabo ubengakulindele ukuthi ishise izikhotha ngalolu hlobo.
"Noma belikhona ithemba uma ngiyizwa kodwa bengingazitsheli ukuthi kungaba njengale ndlela abantu abaythande ngayo," kuphetha uSphesihle oseke wacula neZingane Zoma.
ULuve ubonge uQhosha ngokuvumbulula ikhono lakhe nangokukholelwa kuye, noKhuzani ngokumnikeza thuba lokuvelela ezingomeni zakhe.
"Ngingakhohlwa wukubonga uMbuso Wamaciko ngokungeseka, ikakhulukazi ekukhangiseni umsebenzi wami," kuphetha uLuve okhiphe icwecwe elinezingoma ezine, okukhona nethi Imbongolo nethi Sibuthebelele.
Laba baculi bayingxenye yeGcwalisa Spring Picnic All White eKing’ Park Stadium, eThekwini ngoNovemba 5.
Bazobe beshiyelana inkundla neGcokama Elisha, Mzukulu, Big Zulu, DJ Tira, AKA, Cassper Nyovest, Sjava, Nomfundo Moh, Boohle, Kamo Mphela, Jumbo, Dumi Mkokstad nabanye abaningi.
Kungenwa ngamathikithi abiza uR150, R250, R450 noR900. *Isolezwe noKhozi bayingxenye yabaxhasi.