BAYAPHIKISANA abathandi bomculo ngengoma entsha ekhishwe nguHlosiwe "DJ Hlo" Mthalane, ethi Visa.
UDJ Hlo, owaqopha umlando ngokuba wuDJ wokuqala wesifazane ukuhlukanisa unyaka oKhozini, ufake ngxenye yengoma ayenze noTee Jay noLady Du ezinkundleni zokuxhumana, maqede abantu bathi mbo kuyo. "Iphumile iVisa," kubhala uDJ Hlo, base bemthelekela abalandeli bakhe.
Umsakazi weNongoma FM, uNqubeko Ndlela uthe ngeke ize iwuhlukanise unyaka kodwa waziqhatha neziqandu. Ubaba kaLiliana Bhila, ubuze kuNqubeko ukuthi wamenzani uDJ Hlo kanti uSmangele Mkhize ukhuze uNqubeko ngokuba nenzondo enganeni.
Umculi kamaskandi, uKhangelani "DSD" Mhlongo, uyivumile ingoma wathi imnandi. ULinda Gazu uthe iVisa ingconywana kunale ahlukanisa ngayo unyaka ethi, Isibani. UXolani Hlatshwayo uyivumile wathi "Inamba namba iphumile."
USecrete Code uthe akakhohlwe uHlo ngokuhlukanisa unyaka ngale ngoma. Nakuba kunjalo uSaluleko Biyela uthe imnandi ingoma uma izodlalwa ngaphambi kuka-5 ntambama. USimphiwe Bhengu usabise ngokulutha uma uDJ Hlo ephinda ehlukanisa unyaka. Imizamo yokuthola uDJ Hlo ukuze aphawule, ayiphumelelanga kodwa uveze ukuthi lengoma izophuma ngokusemthethweni ngoNovemba 18.
Kwenzeka lokhu nje, uDJ Hlo uqokelwe kowezindondo, iZikomo Afrika Awards ezoba ngoDisemba 15, eLusaka, eZambia, lapho ezomela iNingizimu Afrika, emkhakheni weBest Female DJ.