UNGOWESILISA othandana nowesilisa onentombi yakhe eqondile. Yena unonina wengane enezinyanga izelwe.
Kuzwakala sanganekwane?
Konke lokhu kuzovela ohlelweni lwethelevishini olusha olukhuluma ngempilo yomndeni weLGBTQIA+ nokuzobe kuqala ngqa.
IThree Way, wuhlelo oluzodlala njalo ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku kwiMoja Love. Izoyibeka obala impilo yomculi we-Afro pop neR&B uProfessor Velvet Bhengu, waseNew Germany, eThekwini kodwa osezinze eGoli.
Lolu hlelo oluzoqala namhlanje ebusuku luzoveza kabanzi impilo kaBhengu nesoka lakhe uMandla Shongwe, kanjalo nonina wengane yakhe uLerato.
Kwenzeka lokhu nje uShongwe unentombi, nokuyimpilo ejwayelekile emndenini weLGBTQIA+ nokuzovula amehlo abantu abaningi.
Ekhuluma nephephandaba uBhengu uthe bekungeyona inhloso yabo ukuba nohlelo kodwa kwaqondana. "Sasise mcimbini kamngani wami odlala kwiGenerations kanti kukhona oprojusa. Waqala kanjalo umbono wohlelo sakhuluma savumelana ngokuthi kuzofundisa imindeni eminingi ngoba yimpilo ekhona nathi esiyiphilayo kodwa abaningi abangayazi," kuchaza uBhengu.
Eqhuba uthe abazali kuningi abakholelwa kukho nabafisa ukukubona kwenzeka kodwa ngenxa yempilo abayidalelwe nabayiphilayo kukhona lapho kushayisana khona imibono.
"Abazali bayohlala bengabazali, kuningi esingavumelani ngakho kodwa okuningi ngeke ngikhuchaze kuzovela kulolu hlelo. Inhloso ukufundisa nokwakha ngoba kunabantu abaningi abacabanga ukuthi ngeke waba nezingane wakha umndeni uma uthandana nobulili obufanayo," kusho uBhengu.
Uthe ohlelweni kuzovela ukuthi kwenzekani kuze kuzalwe le ngane yakhe okumanje inezinyanga. Indodakazi yabo nguMandlenkosi, utholakale seluqoshiwe uhlelo kanti uBhengu uthi bayazifela ngayo njengabazali.