AMALOLI acishe avala ngehlahla kubaculi bodumo baKwaZulu-Natal amasonto elandelana. Ngesonto eledlule Isolezwe libike kabanzi ngengozi enyantisa igazi evelele abaculi begqom', uSabelo "Bello" Mkhize noZakhele "Gallo" Mthethwa bodumo lwengoma ethi Khula nethi Imali Iyagezana.
Muva nje nomculi owaphuma isibili kuma-Idols SA, uLungisani "Mr Music" Mthethwa, usinde ngokulambisa yena nomfowabo ngesikhathi iloli lishayisa imoto yakhe. Lomculi wakwaMbonambi, eRichards Bay, uthe lengozi imehlele ngoMsombuluko, esalindele irobhothi ukuba lube luhlaza.
"Iloli lize ngemuva maqede lashayisa imoto yethu ebimile. Umshayeli umshayeli obedakiwe, ungithuke maqede wabaleka. Ngenhlanhla imoto ikwazile ukuqhubeka nohambo."
Uthe bazamile ukumjaha kodwa ithayi lesondo langaphambili ngakwesokunxele laphuma kodwa basinda. "Ngikwazile ukumjaha ukuze aboshwe. Ngokubuka ukuziphatha kwakhe, ngiyasola ubebukhile," kusho uMr Music.
Imenenja kaBello noGallo, uSimphiwe Mkhize, uthe laba baculi bebebuya konandisa eSwatini ngesikhathi bevelelwa yingozi eHluhluwe. Kuthiwa imoto ebebehamba ngayo yiloli emgwaqwenj owuthelawayeka eHluhluwe ngeSonto. Yize bebengene esibhedlela kuvalwe amehlo kodwa sebelulamela ngaphandle.
Kwenzeka lokhu nje amaloli asebhubhisile kulesi sifundazwe, ikakhulukazi ezindaweni eziseZululand. Kuzokhunjulwa ukuthi ingozi ebandakanya iloli neveni idlule nemiphefumulo ewu-21 yabafundi, uthisha nomshayeli oPhongolo ngoSepthemba. Umshayeli weloli uSbusiso Siyaya (28) ugqigqa enkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngenxa yecala lokubala ngokungenhloso. Ekuqaleni kwale nyanga kufe abantu abane ngesikhathi izimoto eziyisithupha namaloli amabili kubandakanyana engozini eyenzeke eMariannhill Toll Plaza, ePinetown. Enye indoda yaphendula idelakufa ngesikhathi ihlenga owesifazane ngesikhathi amaloli etholana phezulu maqede agqamuka amalangabi emgwaqweni uR34 phakathi kwaseFilidi nasoLundi ngoSepthemba.