UMHOLI wompetha besicathamiya, iZulu Messengers, uSkhumbuzo "Mavulakuvaliwe" Mhlongo, uthembisa lukhulu kubantu abazohambela umqhudelwano kacothoza Ondini Multi-Purpose Centre ngoDisemba 3 kusukela ngo-9 ekuseni.
UMavulakuvaliwe uthe izethameli zizothola ingqayizivele yethuba lokubezwa becula bukhoma amanoni akwi-albhamu yeZulu Messengers (Amabhoza Kacothoza) yakamuva esihloko sithi Umthwalo Uzethule. "Ngiyazi abantu abaningi abalitholanga ithuba elikahle lokuzwa izingoma eziqukethwe yile-albhamu. Kulo mcimbi bazothola ithuba elanele lokuzizwela iningi lamanoni akhona. Sizobuye sibanyulele ezinye izingoma ezikwi-albhamu esizoyikhipha uma sekusondele iPhasika ngonyaka ozayo."
Ngaphandle kwalokho, uMavulakuvaliwe uthe ngeke baphume esteji bengawaculanga amanoni abo angasoze abuna, okubalwa kuwo elithi Ziyiklame Ziyiklamile, Izindaba Zotshwala Zimbi nethi 50/50 Baba.
UMavulakuvaliwe ubuye wabonga kakhulu kuMasipala wasoLundi ngokubanikeza ithuba lokuqhakambisa ikhono labo emphakathini waseZululand namaphethelo.
"Yinto enhle kakhulu lena ngoba empeleni siyiqembu laphesheya koThukela kodwa abantu bazitshela ukuthi singabaseThekwini ngenxa yokuthi imicimbi esiqashwa kuyo ngakithi iyivelakancane," kusho uMavulakuvaliwe ophethe ngokuthi bazobe bewaphethe amakhophi e-albhamu yakamuva ukuze bawathenge abazobe bewadinga.
Kulo mqhudelwano kuzobe kuqhudelana amaqembu adabuka ngaphansi kwesifunda saseZululand, oswenka kanye nonobuhle.
Ngokusho kweMeya yasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, amaqembu, onobuhle noswenka bazobe bebanga izindodla zemali nendathane yemiklomelo kulo mncintiswano.
UNtshangase uthe bavule izandla kuwo wonke amaqembu afisa ukubhalisela ukuba yingxenye yalo mcimbi wokuqhudelana ngesicathamiya nangengqephu Ondini.
"Kuvuleleleke kuwo wonke amaqembu inqobo nje uma lelo qembu lidabuka ngaphansi kwesifunda iZululand. Kujoyinwa mahhala. Kunxuswe abafisa ukubhalisa amaqembu abo baye emahhovisi akwaCommunity Services; bashiye imininingwane yabo," kusho uNtshangase .
Eqhuba uthe umqhudelwano uzohlukaniswa izigaba ezintathu, okuwumunxa wesicathamiya, owoswenka nowonobuhle. "Njengomasipala sikubone kubalulekile ukuthi sikwenze lokhu futhi kuzohlomulisa abantu abaningi ngenxa yemiklomelo ekhona futhi kungenwa mahhala. Sinxusa amaciko abhalise futhi bakwenze lokhu ungakadluli umhla ka 27 Novemba 2022," kuphetha uNtshangase.