UMZWILILI wakuleli oke wabangwa nezibi kodwa oseqalile ukubonakala emcimbini emikhulu, uveza ukuthi kusekude ukuthi acule ngokuzimela, noma abe nekhonsathi yedwa.
ULira ufake ividiyo emakhasini akhe ezokuxhumana ecula nezihlabani zomculo zakuleli eGoli, okubalwa uSunnyboy Dladla noMasabane Cecikia Rangwasha.
Lezi zihlabani bezimfake phakathi uLira, obeyidonsa kamnandi ingoma ethi Ntyilo Ntyilo okujabulise abaningi ukumbona ecula okokuqala ngqa, emuva kwesikhathi eside ehlabe ikhefu emva kokugula.
Yize kunjalo uLira uveza ukuthi kusekude phambili kodwa kukhona konke ubonga ukwesekwa.
"Bengilangazelele ukuzama. Ngikwenzile ngesekwa ngamazwi amahle ngendlela emangalisayo. Luselude ukhalo ngaphambi kokuthi ngicule ngedwa, ikakhulu ekhonsathini yonke," kusho uLira.
Eqhuba uveze ukuthi akazibekile phansi, ithuba alitholayo uyalisebenzisa ukulolonga izwi lakhe.
"Ngilokhu ngicula ukuqaqa ulimi. Kuyangilekelela kakhulu ukukhuluma kangcono, kuyangilekelela kakhulu ukwelulama," kusho uLira.
Lezi zindaba ziyabathokozisa abantu, ukubona ividiyo ecula yikhona okuthinte abaningi, okubalwa nabanye osaziwayo abalokhu bemesekile.
"Ngiyaziqhenya kakhulu ngawe," kusho umlingisi ongumethuli wezinhlelo, uRelebogile.
"UNkulunkulu ulokhu eziveza ngabantwana bakhe," kusho umculi weMafikizolo ongusomabhizinisi, uNhlanhla Mafu.
"Uwubufakazi obuhambayo. Ngikufisela konke okuhle. Ubusiseke ohambweni lwakho," kusho uJennifer Bala.