ISIHLOKO: 50/50
IQEMBU: Amadodana Entandane
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
AMADODANA Entandane yiqembu elakhiwe yizinsizwa zakwaChemane, eLovu, uMabandla noBathandwa.
Ngingalimisa ngesihloko elokuthi leli qembu libuye ngezinkani ngaleli cwecwe eliyi-Extended Play (EP). Umsebenzi oqukethe amanoni ayisithupha futhi angadeleki.
Uma leli qembu linganikwa ithuba emisakazweni nasemicimbini, nomakanjani lingashisa izikhotha. Maningi amakhosi angabhinciseleka nxanye. Ngisho ngoba lisebenze ngokukhulu ukuzikhandla.
Ayikho ingoma ekhombisa ukuthi kugcinwe icala kuyo. Engomeni ethi Tholakele, Amadodana Entandane asebenze noBahubhe noNomandla.
Ngiyazi ukuthi abazifela ngomculo wangaphesheya kweNciba, e-Eastern Cape, bazobhema bakholwe uma bezwa ingoma esihloko esithi Leave It. Ngeke ngimangale uma izangoma zigida bese amaXhosa exhensa.
Yize ingoma eyisihloko izozingenela kalula kubantu kodwa akulula idlalwe emisakazweni ngenxa yezinye izinhlamvu zayo.
Okunye okusalile wukuba ekugcineni iqhubeke ngomvumo oyi-acappella ukuze izinsizwa nezintokazi zigijime ngenqina.
Ezinye izingoma ezimnandi ngezithi Impi Yanamhlanje, Ngaqoma Isigebengu nethi Inkabi Yodumo.
Uma ufuna ukuzwa umaskandi ovusa usinga, kuzofanele uzitholele leli cwecwe.