ABAZALI bomrepha wakuleli uKiernen Forbes owadutshulwa wabulawa ephuma endaweni yokudlela iWish, eMorningside eThekwini bathi abahlanganise lutho nencwadi kaMelinda Ferguson.
Le ncwadi osihloko sayo sithi, When Love Kills – The Tragic Tale of AKA and Anele, isuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi abazali baka-Aka bephumela obala ngokuthi kabayeseki futhi abahambisani nayo.
UTony noLynn Forbes bakhiphe isitatimende ngoMsombuluko bezwakalisa ukungahambisani nale ncwadi.
Ngokwesitatimende sabo, baveza ukuthi umbhali wencwadi waxhumana nabo efuna ukuba nengxoxo nabo kodwa banqaba.
“Asihlanganise lutho nencwadi kaMelinda Ferguson futhi asikuqhakambisi ukuthi ithengwe. Siyaziqhelelanisa nokuqukethwe iyona le ncwadi,” kusho isitatimende esikhishwe abakwaForbes.
Le ncwadi ikhuluma ngokushabalala kabuhlungu kwempilo ka-AneleTembe owafa ngomhla ka-11 Ephreli 2021besehotela eKapa nesoka lakhe u-AKA naye owabulawa ephuma endaweni yobumnandi.
Ngemuva kokufa kuka-Anele, kwavela amahlebezi amaningi ngothando lwabo, olwalukhungethwe yizinkinga.
UMelinda oyintatheli emkantshubomvu neseke yabhala izincwadi ezihamba phambili njengeThe Kelly Khumalo Story, Smacked, Hooked and Crashed nezinye.