ABAWUVALI umlomo abavumbululwe wumkhankaso wengwazi yomculo kamaskandi, Ihhashi Elimhlophe, eKZN nase-Eastern Cape. La maqembu, angaphansi kweHhashi Movement, ethulwe ngokusemthethweni emcimbini obuseWorld of Yamaha, eSandton, eGoli, ngoLwesithathu. Kuqale kwanandisa elaseKZN, kwalandela elase-Eastern Cape ngaphambi kokungena kweHhashi Elimhlophe, eliphume esteji abantu besahalela impinda. UMasixole " Mthandeninonke" Felem (30) wase-East London, uthe ulijabulele kakhulu ithuba alinikezwe yiHhashi Elimhlophe.
Uthe wayengazi ukuthi ngelinye ilanga uyozithola esebenza nomunye wabaculi akhule ebukela kuye.
"Mina bengiwumlandeli weHhashi, uMfazomnyama noPhuzekhemisi. Kufezeke iphupho lami. Sengithole nokuhlonipheka ngasekhaya," kuphawula uMthandeninonke. Nozakwabo, uLihle "2Two" Batwana (32) waseLusikisiki, uthe impilo yakhe seyiguqukile selokhu ebambe iqhaza kwiHhashi Movement.
UBongani Shabalala (24) waseMfekayi, eMtubatuba, uthe leli thuba lifike kahle kuye esanda kuphoxwa ngomunye umculi odumile owenqaba ukumnikeza usizo. UBongani, owine isigingci sikaR15 000, uthe ushiye phansi iloli abelishayela emsebenzini ngoba efuna ukuba yingxenye yalo mcimbi. UMntomuhle Mbatha (22) waKwaNongoma uthe bona ngeke bangcweke namuntu ngengoma kodwa bazokhulunyelwa wumculo wabo ozobe ugabe ngomyalezo.
Okhulumela iHhashi Movement, uNtombee Mzolo, uthe abazogcina ngabaculi baseKZN kodwa bazohambela nakwezinye izifundazwe bese behlela indumezulu yomcimbi lapho laba baculi bezizwe ezahlukene bezoshiyelana khona inkundla. Uthe inhloso enkulu yeHhashi Elimhlophe ngalo mkhankaso wukususa abantu abasha emikhubeni engasile nokuguqula izimpilo zabo.
"Ubaba uyayazi inhlupheko ukuthi injani ngakho akafuni omunye umuntu abhekane nesimo adlule kuso."
"Yize umculo wala maqembu sewutholakala kuma-digital store kodwa sisazowagaya namaCD ukuze ufinyelele nasziendaweni zasemakhaya."
Laba baculi abangu-18 baphiwe ngabakwaYamaha izigingci ezibiza imali ephakathi kukaR7000 kuya ku-R9000. NeHhashi Elimhlophe liphiwe isigingci sikanokusho, izipika, i-mixer nezinye izinsimbi zomculo ngabakwaYamaha.
Lo mcimbi, obuxhaswe yiBidvest neWorld of Yamaha, uzokhonjiswa kwiMoja Love, 1KZN TV nakwaSABC TV.