UMCULI wama-piano obenza uGrade 12 eFundinduku Secondary, eTafelkop ngaseZwelibomvu, uthe namanje usathukile futhi akakakholwa ukuthi ungomunye wabafundi abaphasile.
USipho "Mfana KaGogo" Mbonambi (19) ungomunye wabaculi abasebancane ongene kwezwakala emculweni.
Utshele intatheli yeSolezwe ngeSonto ukuthi yize ezoqhubeka nokuyibamba emculweni kodwa uzimisele nangokuqhuba izifundo zakhe enyuvesi.
"Kuningi obekukhulunywa ngabantu njengoba bengisheba umculo nesikole. Abanye bebeze balibeke ngembama elokuthi umculo nesikole akuhlangani. Angifuni ukuqamba amanga, izinkulumo zabo yizo ezenze ukuthi ngigcine ngishaywa wuvalo. Angikholwa namanje ukuthi ngiphasile," kusho umculi obezwakala ukuthi uswele amaphiko okundiza yinjabulo.
Eqhuba, uthe ngonyaka odlule usifakile isicelo sokufuniswa isikhala sokwenza izifundo zeSound Engineering nezihambisana nomkhakha wobuciko emanyuvesi ahlukene.
"Bengithi ngizoke ngithathe ikhefu lonyaka owodwa, ukuze ngithi ukuphusha kahle emculweni. Kodwa ngabe sengiyabona ukuthi ngizobe ngimosha isikhathi uma ngithatha leso sinqumo," kubeka le nsizwa.
Uthe okumthokozisa kakhulu wukuthi akwazi ukujabulisa uninakhulu okunguyena omkhulisile.
Eluleka intsha engemuva kwakhe, esafunda futhi enesifiso sokungena emculweni, ukuthi uma lifika ithuba kumele ilibambe ngezandla zombili kodwa ingasilahli isikole.
"Ibaluleke kakhulu imfundo ngoba yiyo esivulela iminyango. Ngakho-ke uma kukhona ithuba eliyingqayizivele eliqhamukayo empilweni usafunda isikole, khumbula ukuthi naso sibaluleke kakhulu ezinqumweni ozithathayo," kusho uMfana KaGogo.