UMCULI osezakhele udumo ngokupikwa ezingomeni zikaDJ Maphorisa ethi iWalk Yephara nethi Midnight Starring, uMoonchild Sanelly, uthi konke sekumi ngomumo ngendawo yokujuxuza abantu abanqunu kubuye kuzitikwe ngenkuhlu yocansi.
Uthi abantu bazoba nesithombe esiphelele sendawo emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoNovemba 20 lapho ezocula khona eshaya ngesudi yesele, nabazobe besemcimbini wakhe bazobe bebhushuzela.
Kulo mcimbi uthe akabadingi abezindaba.
UMoonchild (29) uthi yize kunabantu abamgxekayo ngalokhu, kodwa ufuna baqonde ukuthi kunomehluko phakathi kwe-sex club yakhe nezindawo zabaqwayizi.
“Abantu abazoya kuyona kuzobe kungabantu abanobulungu futhi ababekisayo, abangavele batheleke nje. Kuzobuye kudayise nezinto eziphathelene nocansi futhi kucebiswane nangalo ucansi.
“Akuzovunyelwa amakhamera namafoni ashuthayo ngoba asifuni muntu ozofaka izithombe nama-video okuzobe kwenzeka ezinkundleni zokuxhumana.”
Lo mculi wezitayela zasekhanda ezididayo, uthi useqalile nokulungiselela ilebuli yakhe yamathoyizi ocansi.
Le ndawo uthi uyihlelela ukuthi ibe sendaweni yabadla izambane likapondo eGoli.
Njengamanje uthi uphothula izinhlelo ezihambisana namaphepha agunyaza uhlobo lwebhizinisi.
“Ngifuna abantu baziqhenye ngocansi, bayeke indaba yokulusaba.”
Ebuzwa ukuthi bayovunyelwa yini abazobe sebefuna ukuya ocansini kwi-sex club, uthe yebo.
“Kuzoba khona igumbi lapho bezoya kolala khona abafunayo kodwa bavumelekile nabafuna ukuya ocansini kubheke wonke umuntu.
“Ungazifikela nomuntu wakho noma uthathe omfice lapha. Akekho ozovunyelwa ukupansa umuntu noma ukuqabula umuntu engavumelene naye.
“Abaphula umthetho bayobanjwa bakhishelwe ngaphandle ngesihluku.”
Uthe nonina wayene-jazz club ngakubo, ePort Elizabeth, e-Eastern Cape.
Lo mqondo uthe wawubona phesheya, wabona kungaba ngcono nakuleli kwenzeke ngohlelo lokujoyinisa abantu.
Le ntokazi seyizakhele udumo nangezinwele zayo eziqhiniwe zabe sezipendwa ukuba zibe luhlaza okwesibhakabhaka.
“Lesi yisitayela sami ngedwa, angifuni muntu ozosikopela ngoba ngiyomfaka enkantolo futhi ngimfune inhlawulo.”
Uthe konke kumhambela kahle emculweni kangangoba uqeda kwenza izingoma nezinkakha zaseNigeria, uPantoranking noSlimcase.
“Kune-albhamu engizoyenza nophrojusa wase-UK futhi ezokhishwa khona. Unyaka ozayo ngizobe ngihambela amazwe amaningi anjengoNigeria nakwamanye amazwe aphesheya”.
Uthe kumsebenzele kakhulu ukusebenzisana nenkakha kaphrojusa uMaphorisa.
UMoonchild uzobe eshiyelana inkundla nezingwazi oMasego waseJamaica, umrepha uJ.I.D, Sho Madjozi, Black Motion, Spoek Mathambo noManthe Ribane endaweni esafihliwe ngoNovemba 25.
“Miningi imicimbi engizobe nginandisa kuyo eThekwini.”